IZIGAMEKO zokubulawa kwabantu okwagcina kuvela ukuthi babulawa yizihlobo zabo zegazi zizophinde zigqame ohlelweni olusha oluthi Strangers you Know.
Lolu hlelo luzoqala kuM-Net (101) ngoJuni 27, ngo-20h00.
Izindaba, okukhona kuzo olwaphula izinhliziyo zabaningi kuleli lukaPalesa Madiba, umfundi osemncane waseNyuvesi yaseJohannesburg, owabulawa wase engcwatshwa ethuneni elingashoni ngemuva kwendlu yakwamngani wakhe eSoweto, zizobonakala kulolu hlelo.
OlukaHenri van Breda, owabulala abazali bakhe nomfowabo eKapa, nalo luzovela kulolu hlelo.
Lolu hlelo oluyingqophamlando luzoveza imindeni yabagilwa abavelelwa yile mishophi ikhuluma ngekwaziyo ngesikhathi kuvela lezi zigameko.
Umndeni uzobe uthatha ubeka ababukeli balolu hlelo ukuthi uphenyo lwamaphoyisa nokuhlolwa kwezidumbu kwatholani nokuthi uma bezwa ngomsolwa kwakwenzenjani aze athathe isinqumo sokubulala igazi lakhe.
Okunye ngalolu hlelo okuzovela ukuthi abenzi bobubi yini abayenza ewubudedengu, eyaholela ekutheni baze baboshwe.
U-Jan du Plessis, ongumqondisi wezinhlelo kwaM-Net, uveze ukuthi elakuleli lisalwa impi yokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nabathemba ukuthi ngalolu hlelo bazokhanyisa okwenzeka emacaleni ashiya kukhalwa.
"Sihlonipha abantu abadlula emhlabeni emindenini ehlukene ngenxa yesandla sabantu abahlukene abasondelene nabo, ababengazi ukuthi bazogcina benziwe yibona okubi futhi babezizwa bephephile uma benabo kodwa kwaba yibona ababagilayo. Ngalolu hlelo sihlose ukufundisa abantu bakuleli ukuthi mubi kanjani umthelela wokuhlukumeza nokubulawa kwabantu besifazane nanoma yikuphi-ke nje ukubulawa kwamalungu emindeni ehlukene,“ kusho uJan.
Lolu hlelo, oluphrojuswe yinkampani iCombined Artistic Productions luzoba neziqephu ezingu-8, iningi lazo abaveze ukuthi lithinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uphrojusa walo, uChwayitisa Futshane, uveze ukuthi eminye imindeni abakhulume nayo beyifisa ukuzwakalisa izwi layo ngokwenzeka nabathemba ukuthi udaba lwabo lungasiza omunye wesifazane.
“Sifuna lufike njengesexwayiso kwabesifazane noma lubakhuthaze ukuthi baphume ezimeni ezinzima ababhekene nazo emakhaya. Okunye okuvelile ezingxoxweni zethu neminye imindeni ukuthi lezi zigameko babengacabangi ukuthi zingashaya eduzane kubona futhi zenziwa ngabantu abasondele kubona,” kuchaza uChwayitisa.