AKASEKHO emhlabeni umlingisi ozakhele olukhulu udumo elingisa kwiZone 14 nakwiMfolozi Street, uLuzuko S'phelo Nteleko. Ngokusho kwephephandaba elinguzakwabo waleli, I'solezwe LesiXhosa, akukaziwa ukuthi losaziwayo uthathwe yini emhlabeni kodwa "uke wagula ngaphambilini kodwa wabuye wangcono. Umndeni alukaphawuli ngembangela yokudlula kwakhe emhlabeni..." kusho I'solezwe LesiXhosa ekhasini lalo likaFacebook.
ULuzuko (36) waqala ukuzakhela udumo enguLoyiso kwiZone 14 ngaphambi kokuba uStudent Constable Lebogang Chuene kwiStreets of Mangaung ngo2012.
Yize I'solezwe LesiXhosa libika ukuthi udabuka endaweni yaseNgqeleni, e-Eastern Cape kodwa kwiTVSA kuthiwa uLuzuko ungumnsinsi wokuzimilela eSebokeng, eGauteng yize-ke ebesehlala eGoli. Wafunda eWits Tech futhi ubenekhono lokukhuluma isiXhosa, isiZulu, IsiSotho, isiTsonga nesiNgisi. Elulingiseni ubonakale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo i4 Hours, Ambitions, City Ses'la, Gauteng Maboneng, Isidingo, IsiPantsula, Keeping Score, Mzansi Love, eKasi Stories, Ring of Lies, Single Galz neTempy Pushas.
*Kuzoqhutshekwa nodaba uma sekutholakele eminye imininingwane.