KULINDELEKE yonke inhlobo kasaziwayo enkonzweni yesikhumbuzo somlingisi ozakhele udumo kwi-DiepCity, uLebohang Lettie Mpyana, ePolokwane Library Gardens eLimpopo, namhlanje (ngoLwesithathu), kusukela ngo-1 emini. Osaziwayo baseGoli bona bazomkhumbula eJ’oburg Theatre ngoLwesine, phakathi kuka-10 ekuseni no-1 emini.
Le ntokazi (34) ebilingisa indawo kaKhelina kulo mdlalo, idlule emhlabeni ngoLwesithathu olwedlule emuva kokugula isikhashana.
Ngokusho kwesitatimende esenziwe wumndeni kaLebogang ebiziteketisa ngelikaQueen Skwatakwata, umufi uzofihlwa emathuneni akubo endaweni yaseMmotong, eLimpopo, ngoMgqibelo, emuva kwenkonzo ezokuba sekhaya. Ngaphambi kokuba ashone, uLebohang watshela Isolezwe Ngempelasonto ukuthi useqashwe komunye umdlalo waphesheya ozokhonjiswa kuShowmax.
Ebuzwa kabanzi ngalo mdlalo, wathi akakwazi ukuchaza ngawo ngenxa yokuthi abadidiyeli bawo babemdonse ngendlebe ukuthi aze engathi vu.
Wathi abantu bazobona olunye uhlangothi ngaye ngoba kulokhu uzobe engahlekisi.
ULebohang wabonga kakhulu iDiepCity ngokumnikeza ithuba lokuba avele aziwe kangangoba sekunemicimbi eminingi yamahlaya abesebamba iqhaza kuyo ngenxa yendawo kaKhelina ayilingisayo.
Yize ebesephenduke intandokazi kubabukeli be-Diep City kodwa uLebohang ubenesilonda emphefumulweni sokuthi abazali bakhe abasambonanga ephumelela.
"Ubaba wangishiya ngineminyaka eyisikhombisa kwathi umama yena washona ngineminyaka emine. Ngikhuliswe wumkhulu nogogo ngisemncane ngaze ngamngaka. Yize umkhulu naye ebuye wangishiya emhlabeni kodwa ugogo usekhona. Ngisaziqhenya kakhulu ngaye futhi ngisazimisele ngokumenza aziqhenye naye ngami."
Wathi kusho lukhulu kuye ukulingisa kulo mdlalo ngoba ubeseyisibonelo esihle ngakubo.
"Ngiwumuntu wokuqala ngakithi endaweni iMoletji, ngaphandle kwasePolokwane, eLimpopo, esigodini saseGamokgokong, ukuvela kwiTV. Namanje angikholwa uma ngibona abantu ngasekhaya bengingunga, bejabulela engikwenzayo. Sengiyiqhawe ngasekhaya nomphakathi wangakithi uyaziqhenya ngami."
ULebohang waphothula uGrade 12 eKgabo Secondary, wabe esedlulela e-Indogo Fundzani, ePaul Rapetswa Institute of Dramatic naseMahuma Institute for the Arts (Mia).