UMLINGISI owazakhela udumo ngendawo kaLerato kwiGenerations endala, u-Abena Ayivor, ukhuza ibuya kwithelevishini njengoba ezobonakala elingisa indawo kwiClassified, ezokhonjiswa kuNetflix kusukela ngoNovemba 30.
UCHARLES KHUZWAYO ube nengxoxo ekhethekile no-Abena mayelana nokuthi ubekuphi njengoba esevumbuka kulo mdlalo ekubeni abantu abaningi bamgcina kwiGenerations endala.
Yize ethe uke wachitha isikhathi esiningi eGoli kodwa uke wanyamalala ekulingiseni ngoba ubesagxile ekucijeni ikhono lokubhala. "Kodwa bengisithola isikhathi sokulingisa kweminye imisebenzi yaphesheya kwezilwandle, lapha nalaphaya. Ngike ngangaba emidlalweni evutshelwe kuleli isikhathi eside, ngakho ngiyakuqonda ukuthi kungani abantu bacabange ukuthi ngivele nganyamalala emhlabeni."
Ebuzwa ukuthi uyayikhumbula yini iGenerations, u-Abena uthe nakuba iGenerations ehlale eyibonga ngoba iyona eyaveza ikhono lakhe okokuqala ngqa "kodwa ukuze ukhule empilweni, udinga ukuqhubekela phambili futhi uzame izinto ezintsha. Ngingathi cha, angiyikhumbuli kodwa iyohlale isendaweni ekhethekile enhliziyweni yami".
Ebuzwa ukuthi uzizwa njani ngezinga layo manje njengoba iGenerations yayingungqaphambili kubabukeli, uthe usenesikhathi eside engayibuki. "Ngakho angikwazi ukusho ukuthi ngizizwa kanjani ngayo. Kodwa ngiyajabula ukuthi isaqhubeka futhi isizukulwane esisha sisayibuka."
Echaza ngendawo kaMs Mensah, u-Abena uthe ungithishanhloko ongabhedelwa nongawubambi umshini, okumenza abe nyamanambana kubafundi nakubazali.
Uthe akukhona okokuqala elingisa indawo yomuntu onekhanda eliqinile.
"Ngivamisile ukuthola izindawo ezizongenza ngingawubambi umshini kodwa ngihlale ngithola indlela yokwenza leyo ndawo ihluke kwezinye."
Esephetha u-Abena, uthe uyayithanda iClassified ngoba yenziwe esikoleni esisezingeni lomhlaba.
"Okunye engikuthandayo ukuthi sidingida isihloko esisemqoka kabi, esithinta ipolitiki kodwa ngeso lentsha esakhula. Konke engingakusho nje ukuthi … lindela okungalindelekile."
IClassified isungulwe ngusomahlaya, uKagiso Lediga futhi kulingisa phambili o-Abena, Christian Horn, Sule Rimi noNat Ramabulana.
U-Abena wazalelwa eZambia kodwa wakhulela eTranskei (osekuyi-Eastern Cape). Ulingise kwiGenerations kusukela ngo-1999, waze wakhumuka kuyo ngo-2003.
Ubuye walingisa efilimini ethi Machine Gun Preacher (2011), The Good Lie (2014) nethi The Dinasaur Project (2012).