ISITESHI sakwaM-Net sesiveze ukuthi isizini yesishiyagalombili yohlelo iSurvivor South Africa izokhonjiswa ngisho nase-Australia.
Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa kusasa kuM-Net ngo-7.30, ebusuku.
Nase-Australia lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa esiteshini i-10 Play kusasa.
UJan du Plessis ongumqondisi wezinhlelo kwaM-Net uveze ukuthi ukuba nezinhlelo ezihehayo yikhona okwenze lolu hlelo lwathathwa kuleliya lizwe.
“Lokhu kuyasikhombisa ukuthi izinhlelo zethu kuleli kumele siqhubeke nokuzenza zibe ezihehayo futhi ezingenzi ezinye iziteshi zaphesheya kwezilwandle zicabange kabili uma zifuna ukuzithenga. Kuyacaca ukuthi bese kuyiminyaka abakuleliya zwe bebuka lolu hlelo yingakho bekhethe ukusebenzisana nathi kule sizini entsha ezoqala. Okuthokozisa nakakhulu ukuthi iSurvivor South Africa: Immunity Island ngeke nje iqale ikhombise kuleli bese iya kubo isiphelile ngapha, sobe sihambisana sonke,'’ kuchaza uJan.
Uphrojusa nomqondisi walolu hlelo nophethe inkampani eluqophayo i-Afrokaans Film & Television’s, uLeroux Botha uveze ukuthi abantu abazobonakala beqhudelana kule sizini benze umsebenzi omuhle ezinsukwini ezingu-39 abazihlale ehlathini bedlala imidlalo ehlukene.
“Ukuze sithole selubukwa nakwamanye amazwe nje wukuzinikela kwabantu esisebenze nabo kumasizini ahlukene. Nakule sizini yize uhlelo siluqophe kuleli kodwa abazobonakala kulona benze konke ukuthi lube sengathi luqoshwe phesheya kwezilwandle ezweni abangalazi lapho bethwala kanzima khona ngenxa yesimo sezulu abangasijwayele nokudla abangakujwayele ehlathini,” kuchaza uLeroux.
Uthe abakuleli abangakaze bawabuke amasizini adlule bangabuka isizini yesithupha neyesikhombisa kuShowmax.
Uveze ukuthi lolu hlelo luqoshelwe eWild Coast, e-Eastern Cape, futhi ngesikhathi luqoshwa bekulandelwa yonke imigomo yeCovid-19 ukugcina bephephile abakade beyingxenye yalo.
Nakulo nyaka iSurvivor SA yethulwa wuNico Panagio.