SEKUVELE ukuthi ilungiselela ukuqala ukuqopha umdlalo okhuluma ngempilo yeSilo samaZulu uShaka, inkampani iThe Bomb Production.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesihlanu, emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana, ikhiphe isimemezelo sokuthi ithungatha abalingisi abasha.
Le nkampani esikhiqize imidlalo okukhona kuyo Isibaya, Yizo Yizo, Isithembiso neminye, imeme intsha yakuleli ethanda ukulingisa ukuthi izame inhlanhla.
Umthombo weSolezwe uthe:“IBomb kuyimanje iya emaphethelweni okuqopha umdlalo Isibaya, ngakho ngemuva kwalokho ngeke besaba nomsebenzi omningi, yikho manje sebekhiphe isimemezelo sokubheka abalingisi njengoba sebeqala ukulungiselela umdlalo okhuluma ngoShaka. Kufuneka abalingisi abaningana impela njengoba lona kuzoba umdlalo omkhulu odinga abalingisi abaningi, abadala nabancane.“
Uveze ukuthi bakhona abalingisi abadumile abazobonakala kulo mdlalo abanye osekukhulunyiwe nabo, ukuthi babe yingxenye yawo.
“Kukhona inhlolokhono eyenziwa ngonyaka odlule lapho iBomb yayisebenzisana nabalingisi abahlukene kuleli belungiselela wona lo mdlalo, manje ke kuyacaca ukuthi sebeyela emaphethelweni okulungiselela lo mdlalo yingakho sebefuna abalingisi abasha,“ kuphetha umthombo.
UDesiree Markgraaff oyingxenye yabanikazi bale nkampani ekhasini lakhe ku-Instagram, uveze ukuthi badinga abesifazane abamnyama abaneniminyaka engu-20 kuya ku-25, abakhuluma isiZulu nesiSotho.
Uthe badinga nabesilisa abamnyama abaneminyaka engu-18 kuya ku-25 abakhuluma IsiZulu nezinye izilimi zesiNguni nababukeka kahle futhi abondlekile.