UBABHINCISELE ngxanye ozakwabo uThembinkosi ‘Zinedane’ Mthembu, ogqame ngesikhathi elingisa emidlalweni ehlukene okuyiThe River, neShaka Ilembe.
Leli geza elizalelwa kwaNdengezi, eThekwini, livunywe ezindondweni zakamuva amaFeather Awards umcimbi wakhona obungoLwesine ebusuku eMarket Theatre eGoli. Ukhale wemuka nesicoco seHunk of the Year.
UThembinkosi uqumbe phansi uzakwabo, uMondli Makhoba nomculi wekwaito wodumo lwengoma ethi Senz' Umlando, uToss.
Osaziwayo bodumo kwiReal Housewives of Durban, u-Ayanda Ncwane noJoKu (Jojo Robinson noNonku Williams) abalibonanga elidlalayo kumdidiyeli weLion King, uLebohang "Lebo M" Morake emkhakheni weDrama Queen.
UYaya Mavundla noPonaHub bahlule uMusa Keys kumunxa weBest Styled Individual. Umculi we-Afro pop, uTamara Dey, uhlwithe isicoco seFag Hag of the Year kuDkt Musa Mthombeni noNhlanhla Nciza.
UThandiswa Mazwai uhlonishwe ngomklomelo omkhulu weSimon Nkohli Award.
Owayengukaputeni weBanyana Banyana u-Andile Dlamini, uwine indondo yeSports Personality of the Year. UBuhlebendalo noBotshelo bahlabane ngomklomelo weCutest Couple kwathi uHomba Mazaleni wahamba noweHot Chick of the Year.
Umculi uBongezizwe Mabandla uthathe isicoco seMusician of the Year kanti uTshiamo udle umhlanganiso kumunxa weSocialite.
Kubasiki bengqephu baqwaqwadwe emakhanda ngu-Otiz Seflo kwiDesigner of the Year. USamuel Matsikwe uwine kwi-African Feather of the Year kwathi uZodwa Rannyadi, Nandipha Jovuka no-Abraham Sebidi baklonyeliswa ngendondo yeBest Rainbow Parenting.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe ngokubambisana yizelamani zakwaModiselle, uRefilwe noBontle kanye no-Andiswa P Gebashe.
Umgqugquzeli womqhudelwano, uThami Kotlolo ubonge kakhulu ukwesekwa abakutholile futhi wathi kulo nyaka bebehlose bebegxile ekugubheni inhlukano, ubuciko nempokophelo yabantu kulezi zikhathi ezinzima.