I-SABC 1 igubha iminyaka engu-30 yentando yabantu eNingizimu Afrika ngokudlala impinda yezintandokazi zemidlalo yakudala kusuka ngoMsombuluko (namuhla).
Le midlalo izosakazwa njalo ngo-6.30 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
NgoMsombuluko kuzophinda iS’gudi Snaysi okwakulingisa phambili khona uJoe Mafela owayenguSdumo.
NgoLwesibili, kuzodla uVelaphi okwakugqame khona uRay Ntlokwana.
NgoLwesithathu kuzosakazwa i-Emzini Wezinsizwa kuthi ngoLwesine kube yiMama’s Love kaGibson Kente.
NgoLwesihlanu, kuzobe sekukhonjiswa umdlalo owawuyintandokazi iJam Alley.
Lesi siteshi sihloniphe abalingisi abangasekho okubalwa kubo uDaphney Hlomuka (S’gudi Snaysi), Gloria Mudau (S’gudi Snaysi), Roland Mqwebu (Emzini Wezinsizwa), Vinolia Mashego (Jam Alley), Ray Ntlokwana (Velaphi) nabanye.
Khonamanjalo: IMoja Love ithe isithole ukuthi kunenye inkampani eqopha uhlelo egameni lolwayo iSizok’thola futhi iphula umthetho.
Le nkampani ikhiphe isitatimende ngempelasonto isola owayengumethuli weSizok’thola, uXolani Khumalo, nethimba lakhe.
Ngonyaka odlule, iMoja Love noKhumalo banqamula isivumelwano sokusebenzisana ngemuva kokuvela kwezinsolo zobugebengu uma kuqoshwa uhlelo.
Lesi siteshi sithe sithole izikhalo emahhovisi amanxusa aseNigeria naseDemocratic Republic of Congo ethi izakhamuzi zawo zihlaseliwe kuqoshwa.
“IMoja Love ifuna ukucacisa ukuthi akukhona okwayo okuqoshwayo futhi iyaziqhelelanisa nezenzo zobugebengu. USizol’thola ngeyeMoja Love futhi uXolani Khumalo usebenzisa umbono wesiteshi nokuyinto ewukuphula umthetho. Isiteshi sesimthumelele incwadi emyalelela ukuba ayeke lokhu futhi sizokwenza konke okusemandleni, nokusemthethweni ukumyekisa.”
Isiteshi sithe sizohlangana nenxusa laseNigeria nelaseDRC ngokushesha ukulungisa lolu daba.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ubike izenzo zobugebengu emaphoyiseni.”
Lesi siteshi sithe simemezele umethuli wesizini entsha yesithathu yeSizok’thola, uXolani Maphanga futhi silandele yonke imigudu ukuqopha.