ABEPHUME ngobuningi bawo amaciko anothando lomkhakha wamafilimu ukuzothekela ulwazi kongoti kwi-2nd Umlazi International Film Festival Workshop ebibanjelwe eMangosuthu University of Technology ngoMsombukuko.
Umqondisi wale ndumezulu, uSandile Dlamini, uthe bebehlele le nkundla yokucobelelana ngolwazi ngenhloso yokufukula abanesifiso sokungena kulo mkhakha kodwa abasantula ulwazi.
"Sonke silapho esikhona nje kungenxa yomuntu othize owasinikeza ulwazi lwale ndima. Mina ngangizigxilele emculweni kunokwenza amafilimu. Okwenza umehluko empilweni yami ulwazi engaluthola ngale ndima futhi ngiyazi ukuthi inomthelela ongakanani."
Lo mlingisi wodumo lukaPhakade kwiMbewu, uthe kusemqoka kakhulu ukuthola ulwazi olungungqo ngaphambi kokungena endimeni yokudidiyelwa kwamafilimu.
"Sisungule le festiveli njengomthombo wolwazi. Siyajabula ukubona umphakathi wethu uyemukela ngezandla ezifudumele."
Omunye wabagqugquzeli be-UIFF, uSabelo Ngema, uthe kunesaga sesiNgisi esithi “Yiba wuguquko ofuna ukulubona.”
"Ithimba lethu liwuguquko esifuna ukulubona emkhakheni wamafilimu eNingizimu Afrika. Sinengqalasizinda encane kodwa senza konke okungangamandla ethu ngesinakho. Njengoba amathuba emisebenzi entuleka, umkhakha wamafilimu usahamba phambili ekukhiqizeni amathuba. Abantu badinga nje ukwazi ukuthi konke lokho kwenzeka kanjani.
“Ifilimu nje eyodwa iqasha abantu abangaphezu kuka-30 lapho kuqoshelwa khona. Cabanga nje uma abantu ababalelwa ku-20 abahambele le festiveli bengenza amafilimu ngonyaka ozayo, ngabe sisungule amathuba emisebenzi kubantu abangaphezu kuka-600. Kulula ukufeza lelo phupho uma abadidiyeli bamafilimu bengasebenzisa ulwazi abazolizuza kule festiveli," kusho uNgema.
Phakathi kwezingwazi ebezizocobelela ozakwabo abasacathula ngolwazi kubalwa uMpume Mthombeni weDurban Gen, intatheli yase-Uganda, uWilliam Lwanga, intatheli yamazwe ngamazwe, uSibusiso Hlongwane, uMduduzi Mnguni, ophrojusa bamafilimu base-US, uJeffrey Taylor, Kent Walwin, uSenzo Zindela we-Ugu Film Festival noZama Qambi weSollywoid Films. Le festiveli izoqhubeka ize iphothulwe ngoMgqibelo.