UMLINGISI osezakhele udumo ngokwethula izinhlelo uLawrence Maleka, uxoxe ngokumenze wathatha isinqumo sokungathandani namuntu. Ekhuluma kwi-Upside of Failure with Relebogile Mabotja ku-702, uLawrence uthe usazilele unina osanda kumshiya emhlabeni.
"Umama ubebaluleke kakhulu kimi kangangoba angikakulungeli ukuthanda, nokuthandwa. Angifune lutho njengamanje oluzongihlanganisa nothando. Kubuhlungu kakhulu," kusho uLawrence, ozakhele ugazi ngokulingisa indawo kaZolani kwiThe River.
Uthe okwenza alokhu elilile ngokushona kukanina ukuthi ukuhamba kwakhe emhlabeni kwafana nokubhujelwa wumhlaba.
"Yonke into yavele yashabalala kangangoba ngayeka nokwenza into engiyithandayo. Bengingasebenzi unyaka wonke. Ngashiya yonke into. Ngaqhela kukho konke. Ngisanda kubuyela emsebenzini. Uma abantu bengibona manje bathi bengilokhu ngisebenza, ngathi 'cha, ngibuyele ukwenza imisebenzi emibili nje vo, yakamuva. Yingoba ngesikhathi umama eshona, angibange ngisayithola enye into engizoyithanda."
Uthe selokhu kushone unina ayisekho into ayithandayo nayijabulelayo. "Sengiyabanda nje kunoma yini. Kimi sekunzima ukubuyela emuva."
Uthe unina wayemthanda ngale ndlela yokuthi wayeba ngumuntu wokuqala ayemfonela zinsuku zonke futhi bexoxa nanganoma yini. "Angisenaye manje lowo muntu."
Umlingisi uthe njengamanje usalwa nokunqoba ubuhlungu abuzwayo ngokusizwa ngabantu asondelene nabo ngoba sekuhluleke izingoma nezinkondlo ukumduduza.
Ebuzwa ukuthi yini angayenza uma kungathushuka unina e-studio, uthe ngeke asho lutho kodwa angajatshuliswa ukuba khona kwakhe. "Ngifuna ukuphefumula umoya owodwa naye. Ukubona imibimbi yakhe ukuthi ibanjani uma emamatheka noma ephatheke kabi. Ngifuna ukumkhumbula. Ngeke ngisho lutho. Angifuni ukumxina ngezinto, ngisho okungafanele nokungamenza anyamalale. Ngingajatshuliswa ukuba naye."
Uthe usasebenza kanzima ukuhamba ezinyathelweni zikanina. "Angikhumbuli benobaba bexabana. Kimi uma ngisebudlelwaneni, ngiyashaqeka uma uthetha ngoba angikujwayele lokho. Uma ungumuntu wesifazane uklabalasa, ngiyashaqeka.
“Ngikhuluma ngomuntu wesifazane obevuka ngabo-4 ekuseni ukwenzela ubaba ukudla. Umuntu wesifazane obekezelele konke. Efuna ukukuqonda kangcono ukuthi kungani unje, kunokukuxosha. Umuntu wesifazane owangifundisa ukuhlonipha omunye umuntu ngoba wathi ukubona umuntu yinto enkulu. Ubengacasulwa ukuthi awumbingelelanga kodwa ubedinwa ukuthi awumbonanga ngoba kuye bekusho lukhulu kuye ukubona umuntu."