UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UMNIKAZI uyanqaba ukwamukela izikhwama. Umama osemncane ubuyela ekhaya endodaneni yakhe kodwa izinto azifani. Izithandani ezisencane zithi sezizimele emndenini yazo. UMabusi (Hope Mbhele) uyafunga ukwenza izinto ngendlela efanele ngemuva kokwamukela isipho. UMaMzobe ubhekana nomphumela wezenzo zakhe. UMabusi uthola umuntu wokuqala ofuna usizo. Ingabe kuyaphela ngoDifa noMaMzobe? UMabusi uzwa izindaba ngoMkhokha.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
UPELE unombono uma sekubonakala sengathi ithemba liphelile. UKhumo ukhombisa udadewabo okuthile okumenza amemeze. UMinnie uzimisele ukwenza noma yini ukuthola akufunayo. U-Anele ucishe ushaywa yinhliziyo ngokuvezwa wu-Ayanda. UNozipho uyahluleka ukuqonda ukuthi kwenzakalani ngesoka lakhe. U-Anathi unamava anele ukubona uma eqanjelwa amanga. UNkaba akaboni ukuthi ucasula ingoduso yakhe. UMbali ushaqiswa wokucelwa ngowakwaDiale. Intathela iya ku-Anele nesiphakamiso esithusayo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UFUNANI utshela u-Isaac ngokuthi uNkosi ubone owaduna imoto yakhe eTembisa. U-Isaac umema uNkosi noFunani eTembisa lapho uNkosi ebakhombisa khona uSphamandla. UBra Zakes ucela u-Isaac ukuthi angaqale aye emaphoyiseni kuze kuba ukhuluma noSphamandla. USphamandla akeneme ngendlela uBra Zakes enza ngayo futhi yena nethimba lakhe baphoqa uKeletso ukuthi angene emotweni yabo bemkhombe ngesibhamu bamnika nomyalezo ka-Isaac wokuthi akahlehlele emuva. UFaith uthola iqiniso ngoZola kunina.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UMSIMELELO noGubevu bayahlangana ukulekelela omunye wabo. Kuqhuma isibhamo eMxenge Hotel. UVuyokazi uphenya ngokubulawa kukaZukile. USivuyile uthola isivakashi ejele. UHlumelo ukhathazekile ngokuthi isigameko sokubulala sizokwenzani ebhizinisini. UVuyokazi uthola ulwazi ngodubule uZukile. AbakwaMakwetu bahlukene phakathi ngesenzo sikaSivuyile. UZimkhitha noNtando balwela ama-scones. USivuyile ufuna uNontle amxolele futhi uthola nesibindi sokubhekana noNgamlana.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UPHAKAMILE uthola isiphakamiso esisolisayo sokwenza imali. Ngesikhathi uxolo lungezi, kwenzeka isigameko esimangazayo. UDintle wenza okunobungozi ukusindisa indodakazi yakhe. UJojo uthatha isinqumo esishaqisayo futhi uPhakamile uqala umsebenzi ngenhloso yokwenza imali. Owesilisa uyamamatheka phambi komngani wakhe kanti uyamdukisa. UDintle uthatha isinqumo esithusayo. Ukukhuluma phakathi kowesilisa nowesifazane kunika uNhlamulo umbono. Kusuka uthuli lwezichwe phakathi kwababebambisene ebhizinisini nokudala ukukhathazeka kobukela kubo.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
UNkele ungena emzini wakhe omusha. UShaz uyathunjwa. URazia uyaphunyuka njengoba bekuhleliwe. UVhutshilo noNdiwavho bahlela ukuthi abazali babo bahlangane. Ngemuva kokulahlekelwa wuRazia, uManditi uphoqeleka ukuqhamuka nelinye iqhinga lokuhambisa iBlack Diamond ekhasimendeni lakhe. UTendamudzimu ukhombisa uNkele ukuthi unendaba naye ngokumnika isipho. UNdiwavho ugwema ukutshela uyise iqiniso ngokuthi wenzani eVennda. Amantombazane athunjiwe acishe atholakale. UVhutshilo uthathwa wuSergeant Neshehe ukuyophenywa ngemibuzo.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
Ngesikhathi uNomaswazi eseqala ukuvuleleka, kufika isivakashi esingalindelekile futhi sinyomfa usuku lukaNjinji. USbu ukhiphela ukucasuka kwakhe kumuntu ongafanele. UMbatha uthola ukuthi uMadlala akezi emcimbini. USbu ufundisa uHawu isifundo. UMadlala uyadideka uma uMbatha emziba. UNonka uzwana nomunye wabesilisa kaNkunzi. USbu uya kuNomkhosi ngenhloso yokuzama ukulwa noNkunzi.