IZILOMO zeYizo Yizo, u-Innocent "Bobo" Masuku noDumisane "Sticks" Khumalo, zigonyuluke ngokuzenza zivaleleke ngaphandle emidlalweni yethelevishini.
Lezi zinsizwa ezidabuka eNewcastle kodwa esezizinze elokishini laseZola, eSoweto, zikhale ngokuthi yingoba azifuni ukulalwa ngamanye amadoda.
USticks uthe kunabalingisi abaningi besilisa abaqashwe emuva kokuya ocansini nophrojusa abangamadoda.
"Amadoda ayalalwa kule ndima, ngabantu abaphethe phezulu esingeke sibaveze. Thina baseZola yingakho silimele ngale ndlela. Thina silinyazwe ukuthi asisoze savuma ukufakwa ugwayi endunu. Thina sivalelekile ngoba ngeke sa.... Maningi amadoda asemidlalweni yethelevishini adla amanye amadoda ukuze aphile kahle. Maningi amadoda owabona kwiTV a..... ngemuva," kusho uSticks kwiChris Network Podcast futhi uthe yena akanamahloni okukusho lokho.
"Thina baseZola ngeke siyiqonde le nto. Abakwazi ukuvumela lawo masi...aba,,,, indun#$@. Kodwa ngizokutshela into eyodwa futhi anginamahloni. Amadoda adliwa i%$#u kulo mdlalo eniwuhloniphayo. Nize nithi uyiTV Star. Yazini ukuthi le nto idliwa %$. Yingakho izonda abantu uma uhlangana nayo enxanxatheleni yezitolo ngoba ithi wena uzongiphaphela ekubeni mina ngiqeda #%&* indun$#."
USticks unxuse ophrojusa ukuba bahlukane nalo mkhuba.
"Thina asinawo lawo masi... singamaZambiya, siqondile nje. Sizokutshela nje ukuthi uma ufuna ukusebenza nathi, sebenza hhayi nezinqe zethu. Asi... kodwa yithi esi..." kusho uSticks.
UBobo uthe ngeke kwalunga uma engageqa amagula ngalo mkhuba obizwa nge-couch casting.
Uthe babuyile ngoba banefilimu abasanda kuyishutha esihloko sithi Isambanyana, lapho uSticks elingisa khona indawo kaMandla uBobo edlala ekaPetros.
UBobo uthe akulula bachaze kabanzi ngayo ngoba baqeda ukuyishutha kodwa ayakaphumi.
"Singamajitha aseZola sike sathatha isinqumo njengoba iningi lethu like lasebenza emidlalweni eminingi futhi abanye benamakhono ahlukahlukene. Sithe asiqophe ifilimu."
Eqhuba uBobo uthe babuye bacije intsha enothando lokulingisa ngoba nabo bavumbululwa wuNtokozo "Chester" Msibi weSiyophumelela Positive Art Society, ababenaye kwiYizo Yizo 1. USticks uthe bona benoBobo baqala ukucula umculo wokholo ngaphambi kokugxila ekulingiseni.