UKUDAYA izinwele ngenye yezinto ezihlale zisesitayeleni ikakhulu kwabesifazane. Kulezi zinsuku iningi labesifazane likhonze ukudaya izinwele ezimfishane zibe yimibala ehlukene edida ngisho unwabu.
Yize lokhu kuyisitayela kodwa ongoti bathi udayi wezinwele usubaqedile abesifazane ubonela ijwabu. Abanye kuze kudingeke ukuthi bazishaye phansi izinwele ngenxa yalokhu.
UDkt Kuben Naidoo, ongudokotela wesikhumba kwesinye sezibhedlela esizimele eMgungundlovu, uthi kulo nyaka uwodwa, sebengaphezu kuka-10 abesifazane abafike sebenenkinga ejwabini ngenxa yokubelesela ukudaya izinwele ngemibala ehlukene.
“Omunye engimbone ngenyanga edlule ofike ijwabu lakhe selinamaqhuqhuva alumayo futhi abomvu. Ungitshele ukuthi kuye kwadingeka ukuthi udayi wezinwele awuphinde izinsuku ezintathu zilandelana.
Uthe lokhu ubekwenza ngoba ubefuna kugcine kuphume umbala othile. Lokhu kumshiye onakele ekhanda,” kusho lo dokotela.
Uthi inkinga ngodayi bezinwele, wukuthi banamakhemikhali abukhali kakhulu, enza omkhulu umonakalo, hhayi nje ejwabini kodwa anobunye futhi ubungozi abantu abangabunaki nabangabazi.
UMA uzifela ngokudaya izinwele zakho zibe bomvu, u-beetroot kumele ube wumngani wakho njengoba unconywa njengodayi wezinwele ongenabungozi
Uthe ngesikhathi efundisisa amakhathoni amaningi odayi, uthole ukuthi banamakhemikhali anzima njenge-peroxide ne-amonia. Ukhale nangolunye uhlobo lwekhemikhali elibizwa nge-paraphenylene-diamine athe lingenza ukuthi izinwele zingaphinde zihlume.
Nabu obunye ubungozi bodayi bezinwele:
Kwabane-Eczema nePsoriasis
* Kwabanale nkinga, kuvele ukuthi ukusebenzisa udayi wezinwele kungabhebhethekisa lezi zinkinga. Kwabanye uma udaya kungenzeka uthinte nomqala, lokhu kungadala umonakalo esikhumbeni, sivuvukale.
INZALO
Noma kungacaci ukuthi udayi lo ungayiphazamisa kanjani inzalo kodwa kunocwaningo olukhomba ukuthi amakhemikhali okwakhiwa ngawo odayi angaba nomthelela ongemuhle kosuke esafuna ukuthola abantwana noma ukutholisa abantwana.
ISIFO SAMEHLO
Njengoba ungeke ume ngonyawo olulodwa uthi udayi owusebenzisa ekhanda ngeke uwathinte amehlo, odokotela bathi uma lo dayi ungangena ngephutha emehlweni, amehlo akho angaba nenkinga yokuba bomvu abe buhlungu okubizwa ngeConjunctivitis.
ISIFUBA SOMOYA
Kwabanalesi sifo, kuvela ukuthi iphunga lamakhemikhali akulo dayi alishayi eceleni, livele liyivuse ime ngezinyawo i-asthma. Odokotela bathi abanale nkinga kwangathi bangahambela kude nokudaya izinwele.
Ongoti ekucwalweni kwezinwele bathi zikhona ezinye izindlela zokudaya izinwele ngaphandle kokuthi uze usebenzise udayi onamakhemikhali ayingozi. Babala izinto eziitholakala ekhishini njengekhofi, * -beetroot nodayi wokudla njengezinye zezinto abantu abangazisebenzisa. Nokho bathi labo dayi bemvelo abahlali isikhathi eside njengabanamakhemikhali, kodwa okuhle ngabo wukuthi ngeke bakushiye nenkinga.
UBEETROOT
* Lolu hlobo lwesidlo luyaziwa ngokuba nombala obomvu okuthi uma ukade uwuthinta izandla zakho zibonakale ngombala. Kuthiwa ukuwusebenzisa ukudaya izinwele akunabungozi.
Okudingeka ukwenze nje ukuwuhlanganisa no-carrot. Wenze ijusi yakhona bese ugcoba ezinweleni, uhlale ihora bese ugeza izinwele.
Kuzosala umbala othi awube bomvana kodwa ukuba khona kuka-carrot kwenza ukuthi lowo mbala uhehe.
IHENNA
Lesi sidlo sidume kakhulu ngokukwazi ukudaya izinwele. Siyatholakala ezitolo ezidayisa izinongo zokupheka. Kudingeka uphawoda wakhona uwenze sasitaxu bese uwugcoba ekhanda. Ungahlala ihora bese ugeza nge-shampoo ne-conditioner. Uzokunika umbala o-blonde.
UDAYI WOKUDLA
Kuzona izitolo ezidayisa izinongo zokupheka, udayi wokudla otholakala lapho kutholakala khona o-curry powder, ungawusebenzisa ukudaya izinwele zakho.
IKHOFI
Ikhofi lona lingakunika umbala othi awube nsundu ezinweleni zakho. Nakhona okudingeka ukwenze, ukwenza sengathi uvuba ikhofi libe liningi emanzini, bese uligcoba ezinwele zakho, uhlale ihora bese ugeza izinwele.