UMREPHA ozakhele udumo kuKhozi FM nakwiDurban Gen uMxolisi "Zulu Boy" Majozi, uzimisele ngokubeka ezingeni elicokeme isiteshi somphakathi saseThekwini, Inanda 88.4 FM.
UZulu Boy (47), odume ngengoma ethi Zulu Uyasabeka nethi Nomalanga usesakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku ngo-6, iRise and Rock Breakfast Show.
Uthe yize bedlala umculo omnandi kodwa uhlose ukusebenzisa lo msakazo ukufukula umphakathi nokuguqula impilo yabalaleli.
"Sifuna lo msakazo ukwazi ukuheha abalaleli nosomabhizinisi ukuze kuguquke impilo yomphakathi, " kusho uZulu Boy.
Inanda FM ayiqali ngoZulu Boy ukusakazelwa wusaziwayo. Umlingisi woZalo uNoxolo "Lilly" Mathula nomculi wokholo, uSphumelele Mbambo bayazwakala kulo msakazo osuvumbulule inqwaba yamakhono, okubalwa kuwo elikaLee Hlophe, Boniswa Moto nabanye.
UZulu Boy akamusha ekusakazeni njengoba ezakhele udumo kuKhozi FM ngokwethula uhlelo oluthi Namba Namba ngoLwezihlanu noluthi Chillas ngeMigqibelo ngo-2015 kodwa wabuye washiya kulo msakazo ngonyaka olandelayo.
Ngaphandle kokusakaza uZulu Boy uthe njalo ngoLwezihlanu ucija omrepha abasafufusa eBuciko Soul Food Cafe ukuze bagcine sebeseqophelweni eliphezulu.
"Ngigxile kakhulu ezinhlelweni zokufukula umphakathi wangakithi," kusho lo mrepha odabuka eNtuzuma.
UZulu Boy uthe usahlabe ikhefu emculweni ngoba esalinde isikhathi lapho umculo uyozuzisa khona abaculi.
"Umucu engigcine ngawo ngothi Sukuma. Uyadlalwa koChannel O. Bengingafuni ukusabalalisa umculo wami okwamanje.
“Sengiqophe izingoma ezingaphezu kuka-30 kodwa angikafuni ukukhipha ama-albhamu kuze kufike isikhathi lapho imali iza ngqo kubaculi, hhayi ezinkampanini eziqopha umculo," kuqhuba uZulu Boy.
Esephetha uthe usengomunye wabaqondisi bebhodi laseBat Centre, eThekwini futhi uhlele i-flea market eNtuzuma kwa-E ngoSepthemba 24 ngezikhathi zasemini.