ISILOMO soKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela, sikhuza ibuya kwithelevishini. UZimdollar owethula uhlelo iDankie 1223 emini, noKing Sifiso Sibiya, uzobonakala ohlelweni olwethulwa nguTshatha Ngobe noNtombee Ngcobo kuMzansi Magic Music (DStv Channel 321) ngamaSonto ngo-5 ntambama, iShay’Ingoma.
Ngokusho komthombo ongavamisile ukushaya eceleni, Itshitshi Lesibhono (okuyigama aziteketisa ngalo uZimdollar) lizobe lethula ingosi ethi Wawukuphi.
"Kule ngosi uZimdollar uzobe edingida kabanzi ngezigameko zabaculi bakamaskandi."
Uqhuba umthombo uthe uZimdollar uzolekelelwa nguZama ‘Zulu Glamour’ Mthalane, wodumo kuMbuso Wamaciko TV, umsakazi weMvula FM, uNqobile "Modelkazi" Dlamini, nabanye asebezakhele udumo ngomculo kamaskandi ezinkundleni zokuxhumana.
“Empeleni sekuqediwe ukuqopha uhlelo. Sekusele ukuba lukhonjiswe kuthelevishini ngeSonto ntambama,” kuphetha umthombo.
Yize kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uZimdollar engatholakali ukuba aqinisekise lezi zindaba kodwa okhulumela abakwaM-Net, u-Irvin Pooe, uphawule kanje “Singakuqinisekisa ukuthi ikhona ingosi ethi Wawukuphi futhi uZimdollar Biyela uzoba yingxenye yayo,” kuphetha uPooe.
Kuzobe kungekhona okokuqala uZimdollar ethula uhlelo kwithelevishini njengoba eke wesebenza ngokubambisana noNomkelemane Langa ohlelweni olwaluthi, Ongoti Bokugida ku-1KZN TV (DStv Channel 261).
Ngaphandle kokwethula izinhlelo zethelevishini, uZimdollar ubuye walingisa kuZalo, indawo kaSamkelisiwe Nzuza ngaphambi kokudlulela kwiHostela, nakwiDurban Gen, lapho abedlala indawo kaMatron Nkabinde.
*IYASH’INGOMA isakazwa kuMzansi Magic Music ngeSonto ngo-5 ntambama.