OBENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSbu Buthelezi, useqinisekise abantu abakweletayo ukuthi azophela amasonto ayisithupha eseqedile ukubakhokhela.
Ekhuluma ekhasini lakhe likaFacebook, uSbu wathe ufuna ukuqhubeka lapho egcine khona sekungasekho bantu abamnyukubalele.
Uthe uzothi ukuma amasonto ayisithupha engabonakali ezinkundleni zokuxhumana kuze kudlule wonke umsindo.
"Ngizobuya. Amasontwana nje bafowethu, ngizobe sengiyiqedile yonke le nto ngoba ngiyafisa nami ukuthi sikhokhele abantu inkampani yethu ebakweletayo. Sidlule lapho bese siyabuya."
Uthe amasonto ayisithupha enele. "Ngiyanithembisa nje. Emasontweni ayisithupha sizobe sesiqedile ngalokhu. Ngiyasibonga isikhathi esifikile ngoba senze sasheshisa yonke into...Asidlulise le nkinga. Siyiqede. Siphume kuyo. Nalabo ebesinabo beYombuso bakwazi ukulalela kahle izinhliziyo zabo zithobekile."
Uxolise kakhulu kubantu abatshale imali yabo enkampanini yakhe. Uthe bekuyisikhathi esinzima abebhekene naso ngoba ubengasazi noma kufanele ahambele imishado abemenywa kuyo noma imingcwabo yezihlobo.
"Akumnandi nje ukuphila kanjalo."
Uthe uNkulunkulu umenzele umusa ngokuthi kubekhona abantu abakwazi ukumsekela ngamazwi nangakho konke.
"Ngiwumuntu olalela kakhulu ubaba uDkt Billy Winston uma ekhuluma ngeSeeding For A Billion Flow. Loya baba usifundisa ukuthi noma bekungaba kuncane kangakanani obungabe ukutholile kodwa uNkulunkulu usinikeze ingqondo. Wasinikeza amandla okucabanga ukwazi ukuthi le mbewu engiyitholile ngizokwazi kanjani ukuyisebenzisa ukuze ikwazi ukukhipha isivuno esikhulu."
Uthe ukwehluleka ebhizinisini akusho ukuthi ngeke wakwazi ukubuya kodwa kudingeka abantu abazokusekela.
Osemkhankasweni wokutakula uSbu, uThabani ST Dlamini, uthe imali abasakwazile ukuyiqoqa kuze kube yimanje uR73 000. Uthe usakholelwa ukuthi lo mnikelo usazokhuphuka ngoba bakhona abasathembisa ukuphonsa itshe esivivaneni. Ubonge kakhulu umkakhe nabantu abamesekile kulo mkhankaso.
"Into engiyijabulile bekungathi imali ingena ephaketheni lami."
USbu usolwa ngokuqola abantu izizumbulu zemali engaphezukukaR1 million kangangoba sebemvulele uxhaso lwamacala ezinkantolo nakwiSikebhe.