OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uthe ukugqigqa eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, iminyaka emithathu, sekumudle imali ecela kuR1 million.
Ekhuluma emuva kokuvela enkantolo kuleli sonto, uthe imali eningi iphelela kubameli nasekugqigqeni. Uthe sekuphele iminyaka emithathu ehamba icala.
"Lokhu kubuhlungu ngoba angiqashwe ndawo. Ngisizwa ngabafowethu nosomabhizinisi engiphila nabo nabantu abangaziyo. Nababonayo ukuthi leli yicala elingekho."
Uthe kuleli sonto ubeye enkantolo ngoba elindele isinqumo esingujuqu. "Bengingenandaba nokuthi liyangivuna noma liyangilahla. Sengililungele. Ukuthi ijaji lithini, anginandaba.
Engikwaziyo wukuthi anginacala futhi akunacala engalenza. Kunalokho ngivikele abantu kuleli zwe." Ukhombe ngenjumbane uhulumeni ngokuhlehla njalo kwaleli cala.
Ubuye wachapha ngenhlamba imantshi nomshushisi ngokuhlehlisa icala.
"Manje le migodoyi, izingcanga, imikhangqala uma yona ikwazi ukunquma, ngendlela enquma ngayo, ukuthi akwenzeke ngelinye ilanga, kungenzeki namhlanje. Uma becanga ukuthi singamagwala, kasiwona amagwala.
Angilona mina igwala futhi angisoze ngaba yigwala. Uma ngingakusabi ukufa ngingalisaba kanjani ijele."
UNgizwe uthe icala abekwe lona selimhlukumeze kakhulu. Imantshi ithe isinqumo ecaleni likaNgizwe sizophuma ngoNovemba 3 kulo nyaka. UNgizwe ubephelezelwe yizinsizwa ebezivunule futhi ziphethe izinduku.
UNgizwe ubekwe icala lokugqugquzela abantu bakuleli ukuba bataphe futhi bacekele phansi impahla nelokuphikisa umthetho owawunqanda ukuhlangana kwabantu ngesikhathi kubhoke iCovid 19 emhlabeni jikelele.
Nakuba kunjalo uNgizwe uyawaphika wonke amacala, uthi ubhecwa ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi. Yingakho efake isicelo sokuba akhishwe phambili kuleli ngokwesigaba sika-174 somthetho iCriminal Procedure Act.