UFISA ukuba ngomunye wabasakazi abasakaza izinhlelo zobumnandi ezinkulu kuleli emsakazweni uMsawenkosi Hlophe, odume ngelikaDJ Mayoyo kubalandeli bakhe.
Lo msakazi wesiteshi somphakathi Ugu Youth Radio, wazalelwa KwesakwaMadlala, ePort Shepstone futhi uqede u-matric ngo 2012 eSozabe High.
Ekhuluma ngohambo lwakhe kulo mkhakha, uMayoyo, uthe akakaze akungabaze ukuthi ufuna ukwenzani uma eqeda isikole njengoba umkhakha wobumnandi kuyiwona ayewulangazelela.
“Ngavele nganikela eThekwini ngaya esikhungweni samaciko iCreative Arts nokulapho ngafundela khona ukuba uDJ esigabeni somculo futhi ngaphinde ngenza izifundo zokusakaza njengoba ngangifuna ukungena kulo mkhakha. Umculo yiwona engangiwuthanda kakhulu kodwa futhi ngithi iwona owangiholela ekutheni ngingene ekusakazeni, njengoba ubumnandi kuyinto engiyithandayo,” kusho uMayoyo.
Uthe ekuqedeni kwakhe izifundo zakhe wakhetha ukuhambisa i-demo, kulo msakazo nokulapho ayezama khona inhlanhla.
"Ngiqale emsakazweni ngo 2013 nokwathi ngifika nganikwa uhlelo olungena ngoMgqibelo ngo 10 kuya ku 2 ntambama iTop 20. Kulona sasidlala izingoma ezahlukene ezihamba phambili. Kwathi ekuhambeni kwesikhathi nganikwa olwantambama phakathi nezinsuku nokwaba into enkulu kimi njengoba emsakazweni izinhlelo ezingena ngehora lesithupha ekuseni kuze kube ihora lesithupha ntambama kuyizona ezikhombisa ukuthi usunamava. Lolu hlelo oluthi Free Ride Drive olungena ngo-3 kuya ku-6 ngalusakaza isikhathi eside futhi lelo thuba ngeke ngililibale,“ kuchaza yena
Uthe manje usakaza uhlelo lwangoMgqibelo kuphela.
Uveze ukuthi okumenza esakaze uhlelo olulodwa, wukuthi usethole amanye amathuba emsakazweni okukhona kuwo elokuhlanganisa umculo ozodlalwa ezinhlelweni ezahlukene.
Uphinde waveza ukuthi uphinde adidiyele izinhlelo ezahlukene nokuyinto echaza ukukhula kulo mkhakha akuwo.
Umculo uthe akawuyekile ngoba uyazifela ngawo.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]