UMSAKAZI wohlelo lwezenkolo kuKhozi FM, uBoniswa Moto, usezosheba ukusakaza nobumeli njengoba esemukelwe ngokugcwele yiNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika, eGoli.
UBoniswa (29), osakaza uhlelo lwangeSonto ngo-8 ebusuku, UNkulunkulu Nomuntu Omusha, uqashwa nje ubeseke waqeqeshwa kabanzi njengommeli obhekelele amacala amayelana nemali. "Ngisazoqhubeka nokusakaza. Ukhozi FM belungeseka ohambweni lwami, abalaleli nabaphathi nozakwethu. Ngiwummeli ngokomsebenzi bese ngiba wumsakazi ngokobizo," kusho le ntokazi edabuka endaweni yaseBomvini, eMzimkhulu.
UBoniswa uphekwe emkhakheni wobumeli yisikhungo semfundo ephakeme saseThekwini, i-University of KwaZulu-Natal. Lo msakazi uthe le mpumelelo akayitholanga kalula.
“Ubunzima babukhona. Okokuqala nje ngashiya omunye umsebenzi wami enganginawo lapha eGoli ukuze ngiyothola uqeqesho njengethwasa lommeli (Candidate Attorney) futhi kwehla nemali engangiyihola. Ngakho nje kwakunzima kakhulu kwezezimali. Akuvumelekile futhi ukuthi wenze eminye imisebenzi uma uyithwaswa lommeli, kwadingeka ngithole imvume mina emkhandlwini wethu.”
Phezu kwale mpumelelo kwezemthetho, uBoniswa usanyinyitheka amaphupho asafuna ukuwafeza emunxeni wezomthetho nasekusakazeni.
"Ngo-Okthoba walo nyaka ngizobe ngiqeda iminyaka eyishumi emsebenzini wokusakaza selokhu ngaqala ukusebenza kwiNanda FM ngo-Okthoba 2013, ngiseneminyaka ewu-19."
UBoniswa uthe impumelelo yakhe kwezomthetho yagqugquzelwa ngabalaleli boKhozi FM, okuyibo ababehlale bembiza ngommeli ngisho nangaphambi kokuba aqedele izifundo zakhe.
"Ngibonga neziphathimandla zoKhozi ngokungeseka kwazo." Esephetha uBoniswa ukhuthaze intsha yakuleli ukuba ikhuthalele imfundo ngoba iyadlisa. “Kukuyo ukuba ilandele ubizo namakhono ayo.”