UMSAKAZI wohlelo lwasemini kwiTru FM futhi owake wasakaza kuMhlobo Wenene, uSilulami “Slujah” Bunu, uthunyelwe esibhedlela sabagula ngengqondo emuva kokuhluleka komzamo wokuzibulala ngenxa yokhwantalala.
USilulami, ubhale ekhasini lakhe likaFacebook, enxusa ukuba bangahlulelwa abantu abacabanga ukuzibulala ngoba akekho osuke azi imbangela.
"Empilweni ungabosho ukuthi akusoze kwenzeka. Namhlanje ngidedelwe esibhedlela iMondia Health Sunnyside Psychiatric Hospital. Ungalinge ubahlulele abantu abacabanga ngokuzibulala ngoba awuyazi inkinga abakuyo.
“Impilo ayinalo iqiniso kwabanye bethu. Ngesikhathi izinsuku zihamba, isimo silokhu siqhubeka nokuba kumbi. Liphele nya ithemba lokuthi kuzokhanya ngakusasa."
Uthe abantu babhekene nezimo ezingaphezu kwamandla kwabo.
"Izinye zibangelwa yizigameko ezenzeka umuntu esemncane, ezinye sihlangana nazo ekukhuleni kwethu. Indlela esibhekana ngayo nobunzima bempilo abufani. Uma bethi 'asibe nomusa komunye nomunye’ kusuke kungaqanjwa amanga."
Echaza lo msakazi, wohlelo lwasemini kulesi siteshi esenza inzuzo futhi esizinze e-Eastern Cape, i#LunchtimeShandis, uthe uqale ukucabanga ngokuzibulala phakathi kukaMeyi 15 no-19 kulo nyaka.
"Bengibuya emsebenzini ngesikhathi ngihlela indlela engizozibulala ngayo. Iqhinga elavelayo ngelokuzibulala ngeSonto langomhla ka-21 Meyi. Akekho owayazi, ngisho nomkami, umndeni, abangani nozakwethu."
Uthe azikho izimpawu ezazikhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle empilweni yakhe ngoba ubeqhubeka enguSlujah ohlale ejabulisa abantu ngamancoko akhe.
Uthe uyazi bakhona abathi ubezozibulalelani ngoba uphila impilo yamaphupho akhe njengoba ubuso bakhe bsezingqwembeni zokukhangisa nasematekisini, enza uhlelo olungungqaphambili esifundazweni, eshadelwe, enomuzi nabantu abamthandayo.
"Yini le engaka? Asiyibekele olunye usuku leyo." Uthe ngoJuni 3 ubegubha nomndeni wakhe ukuphela konyaka kwazalwa indodakazi yakhe.
"Akekho obazi ukuthi ngeSonto langomhla ka-4 Juni sengihlele konke nodokotela wengqondo ukuba ngiyozinikela esibhedlela iMondia Health Sunnyside.
“Yebo bengihleli nabantu abaphazamisekile engqondweni. Iningi ngabantu abasha ebengihleli nabo bazo zonke izinhlanga futhi bamazinga ahlukahlukene.
“Abanye bancane kunami kodwa sonke sihlanganiswe yisifo sengqondo." Uthe akekho umuntu obemphoqile ukuba aye esibhedlela kodwa yisinqumo esiqale kuye ngoba enenkinga edinga ukuxazululwa.
Esephetha unxuse abantu bakuleli ukuba bangafeli ngaphakathi kodwa bakhulume ngezinkinga ezibakhungethe noma baye kodokotela.