Ubudlelwano umsakazi aba nabo nomdidiyeli wohlelo bubaluleke kakhulu ukuze uhlelo luzophila.
Njengomlaleli sibheka kakhulu umsakazi bese siyakhohlwa ukuthi ngemuva kusuke kunomdidiyeli okunguye owenza uhlelo lube nomsoco.
Ngisanda kubona owayengumsakazi weziteshi ezifana ne-YFM, 5FM neGagasi FM, uWarrick “DJ Warras” Stock ekhuluma noPenuel kwipodcast yakhe kuYoutube.
Ubechaza ukuthi ohlelweni kuba khona umsakazi okunguye okhuluma kuqala uma luqala uhlelo noma ngemuva kwengoma okanye izikhangiso. Abambisene naye ulandela ngemuva.
Uthe umdidiyeli wohlelo njengoba kunguye obhala okusuke kuzokhulunywa ngakho ohlelweni, kumele amazi umsakazi wakhe ukuthi ungumuntu onjani.
Kumele amazi futhi ukuthi yiphi izinto ezimenza ahluke kwabanye.
Yingakho ngithi ubudlelwano bomsakazi nomdidiyeli bubaluleke kakhulu ngoba uma bengazani uhlelo lungaba yinto eseceleni.
Umsakazi uyamuzwa uma ekhuluma ukuthi ukhuluma ngento angayiqondi kahle noma angenandaba nayo bese kuthi uma kunesihloko asithandayo umuzwe sengathi uyaphaphama.
Kumele umdidiyeli akwazi ukuzwa izikhathi ezinjalo bese eqinisa ezihlokweni umsakazi aziqondayo futhi ezizokwenza nohlelo lwakhe luhluke kunezinye.
Ukwenza isibonelo nje, uTbo Touch nomdidiyeli wakhe uPhila Tyekana bazwakala bengabantu okungathi banobudlelwano obuhle kakhulu.
Lo msakazi owenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto uke wahamba kulesi siteshi kodwa uthe ebuya waqhubeka lapho egcine khona.
Yingoba umdidiyeli wakhe uyakwazi ukubuyisa loya Touch wakudala futhi umnikeza nezinto azokhuluma ngazo nabantu abamenywa ohlelweni, abamenza ejabule.
Yingakho uhlelo lwabo luzwakala lumnandi.
Kubalulekile futhi nokuthi uma umdidiyeli ethumela umsakazi ukuthi kuzokhulunywa ngani ohlelweni umsakazi azihluphe ngokuthi abuze uma kunendawo angayizwa kahle.
Ave eyinkinga umsakazi omuzwayo ukuthi uyafunda bukhoma into okumele ayisho.
Usuke engazilungiselelanga kahle.
Ngifikelwa nawuhlelo luka-Andile Ncube lwezemidlalo kwiMetro. Ukuba nomdidiyeli omaziyo lwenza uhlelo lwakhe luphile, isikhalo sokuhamba kukaRobert Marawa yize sikhona kwabanye kodwa ngokwami asikho kangako ngoba izindaba nezimenywa kuhlabahlosile.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanele Bengu.