UMLINGISI, owanyamalala kwithelevishini emuva kokukhalaza kungqongqoshe ngempatho engeyinhle ababhekene nayo kule mboni, uVatiswa Ndara, uzogeqa amagula ngempilo yakhe encwadini yakhe yesibili esihloko sithi Unfiltered.
Lezi zindaba zidalulwe ngozibize ngomphathi waleli ciko, uMolefi Letoao, emuva kokuba uVatiswa ekhangise ngekhava yale ncwadi ezinkundleni zokuxhumana.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaVatiswa ayiphumelelanga kodwa uMolefi uthe lo mlingisi akakwazi ukukhuluma nabezindaba okwamanje njengoba esematasatasa nokuloba le ncwadi.
"Imayelana nempilo yakhe kodwa okwamanje asikwazi ukudalula okuningi okuqukethwe yincwadi ngoba asikayikhiphi. Yona izokwethulwa ngokusemthethweni ekupheleni kwale nyanga," kushaya ngezinqamulelayo uMolefi.
Le ncwadi ilandela ezithendeni zeyokuqala eyayisihloko sithi I Am Because of You, eyashicilelwa ngo-2019. Yona yayigxile emazwini enkuthazo ayewathola kubalandeli bemisebenzi yakhe. Isolezwe NgoMgqibelo libuye lathola ukuthi uVatiswa ubuye axinwe nawumsebenzi wokudayisa ngempahla yakhe yokugqoka ebizwa ngoMzala, okuyizikibha namakepisi.
Ezinkundleni zokuxhumana ubonakala enosaziwayo nabantu abasuke befake ama-order. Yize kunabantu abambuza ukuthi ubuyela nini kwiTV nokuthi bamkhumbule kodwa akathi vu.
UVatiswa waqala ukuzakhela igama ngesikhathi esafunda izindaba kwiMetro FM, Highveld Stereo nakwi-5 FM. Waduma kakhulu eselingisa kwiGenerations, Home Affairs, Muvhango, Gaz'lam, Nomzamo, Tsha Tsha, It's Complicated, Mfolozi Street, Mtunzini nakwiGazi.
Emuva kokubhalela uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Nathi Mthethwa, uVatiswa akabange esaba mningi ezinhlelweni zethelevishini. Le nkakha yayikhalaza ngokuxhashazwa kwabalingisi kule ndima yezokungcebeleka. Wadalula ukuthi ngisho imidlalo yenza inzuzo eningi kodwa abalingisi bayaqhubeka nokuholelwa amakinati. Wabuye wakhala nangokungabhekelelwa kwabalingisi uma umdlalo ebebelingisa kuwo sewuphindwa. Nakuba abanye abalingisi babevumelana noVatiswa kodwa abakwaFerguson Films ayibaphathanga kahle inkulumo yalo mlingisi owake wadlala emdlalweni wabo owawuthi Igazi. Esikhundleni sokuthi asizakale, le ncwadi sengathi yamakhela isigcwagcwa kubakhiqizi bemidlalo eminingi futhi kunezinsolo zokuthi wavalwa.