UKUBA yingxenye yomsakazo iSakha Isizwe Fm isaqala, kwenze uLamula Ngcobo afune ukukhula kulo msakazo kuze kuba ngomunye wemisakazo emikhulu kuleli.
ULamula waseMbumbulu, uthi inkakha yomsakazi u-Alex Mthiyane, esesemsakazweni Ukhozi FM, nguyena owakha uthando lokuthi angene kulo mkhakha.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi indlela athanda ngayo ukuba semsakazweni, uze akhethe ukusebenza uma kukhona ozakwabo abangekho.
“Kulo msakazo ngenza izinto eziningi, njengoba ngingagcini ngokuba umsakazi kodwa ngiphinde ngibe sethimbeni labaphathi bomsakazo, ngibe umphathi-zinhlelo futhi.
“Umsakazo ngiqale ukuwuthanda ngeminyaka yabo-90, ngenxa ka-Alex owayengisakazela kamnandi. Indlela ayenobuchule ngayo uma ezokhuluma, yangenza ngabona ukujula kokuba kulo mkhakha engabona ukuthi uwubizo akuyona-nje into okungenwa kuyo noma yikanjani,” kusho uLamula.
Uthe kulo msakazo akuwo manje, uqale ngonyaka odlule kodwa kuwona kuningi asekufundile waze wafika lapho ekhona manje.
“Kulo msakazo ngingena ngezimpelasonto ohlelweni oluthi Ubhedu Lwezingqwele Maskandi, olungena ngoMgqibelo ngo-12 kuya ku-3 ntambama.
“Ngiphinde ngingene kolwangeSonto, iSunday Chillas engena ngo-3 kuya ku-6 ntambama. Ithuba engilitholile ngilijabulela nsuku zonke yize zikhona izingqinamba lapha nalaphaya kodwa ukuthanda kwami imfundo kuyangisiza ngikwazi ukuthola isixazululo,” kuchaza yena.
ULamula uthe akagcini nje ngokuba umsakazi kodwa usebenzela ezinye zezinkampani ezinkulu kuleli nokungeyona inkinga kuye ukuncelisa amawele.
Uthe kulo msakazo akazimisele ukushiya njengoba efuna ukuba semlandweni wawo.
Akufisayo ngawo wukuthi uzwakale kusona sonke isifundazwe ukuze bakwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu nongakwazi ukubalalela ngenxa ye-data.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email ku: [email protected]