UMSAKAZI wesiteshi somphakathi eMnambithi, uthi ukuqokwa kohlelo lwakhe kwizindondo zomculo wokholo, amaCrown Gospel Music Awards, kufana nse nempimelelo kuyena.
USibonelo Qando Mbatha owenza uhlelo iSakha Ikhaya Mkhaya ngo-9 kuya ku-12 ngoMsombuluko kuze kulamule uLwesihlanu, uqokwe ngaphansi komunxa wesiteshi somphakathi esenza kahle, iBest Community Radio Station.
Lolu hlelo lwansuku zonke lugxile ezintweni ezahlukene ezithinta amakhaya okubalwa ezomthetho, ezempilo, ezolimo kanjalo nezenkolo ngoLwesine. Uhlelo lwezenkolo oluhlanganisa intshumayelo, ubufakazi kanjalo nomculo yilona elwenza lolu hlelo lwehluke kwezinye futhi lungene khaxa kulezi zindondo.
UQando uthe lezi zindaba zokuqokwa kwakhe zimjabulise kakhulu kwazise uhlelo lokuqala ngqa aqokelwa lona selokhu angena emsakazweni ngo-2019.
"Bengiqala ukungenela ngaba nenhlanhla yokuthola leli thuba. Ngibonga umsakazo ukungethemba ngalolu hlelo, nabalaleli abangesekayo. Ngicela abantu bavote ngobuningi babo sibuye nayo le ndondo," kusho uQando.
Umcimbi omkhulu walezi zindondo kulo nyaka uzobanjelwa eFNB Stadium eGoli ngoNovemba 26 ngo-7 ebusuku kanti kusaqhubeka nokuvota. Ukuvotela uQando uthumela isms ethi Crwon 12 ku-34069.