UNETHEMBA lokuthi maningi amathuba azovuleka eGoli, obengumsakazi wesiteshi samakholwa Imbokodo FM, uLondiwe “Mama G” Gumede manje osengumsakazi esiteshini iSoweto FM.
ULondiwe ujoyine lo msakazo ngenyanga edlule nala esakaza khona uhlelo olungena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu iKasi Power Drive with MamaG, engena ngo3 kuya ku6 ntambama.
Le ntokazi yaKwaMaphumulo, eMthandeni ithe akukho okubi okwenza yashiya kulesi sifundazwe, kodwa isule kulo msakazo ngoba ifuna ukuyoveza ithalente layo kwezinye izifundazwe.
“Ngiyakhumbula kakhulu esifundazweni engikhule kuso, kodwa futhi ukukhula siyakudinga. Ngikhethe ukushiya ngoba beziziningi iziteshi ebezingifuna kodwa ngakhetha lesi. Ikhono nesitayela sami engisisebenzisa emsakazweni yisona abantu abangitshela ngaso ukuthi bayasidinga. Ngakho umkhakha kaqedisizungu iwona omkhulu eGoli, ngakhetha ukuya kulesi sifundazwe futhi ngiyathemba ukuthi izinto zizongihambela kahle,” kuchaza yena.
Uthe ukufika emkhakheni wokusakaza ngenye yezinto ezimjabulisile njengoba kukuningi asekufundile futhi kufezeke elinye lamaphupho akhe.
“Abaphathi balo msakazo benze okukhulu kimina njengoba bebesifundisa konke okumele sikwenze emsakazweni ngendlela enesizotha. Engikubonga kakhulu futhi ukuthi bakholelwe kakhulu kimina banginika ithuba lokuba sohlelweni olukhulu kangaka emsakazweni,” kusho uLondiwe.
Uveze ukuthi kulo mkhakha akuwona okuyinjabulo ukuthi uke wasakaza emicimbini okukhona kuyo iDurban Business Fair 2021 #DBF2021.
Uthe yize esemsakazweni kodwa unawo omunye umsebenzi emkhakheni wezindlu, awenzayo eceleni ukuze abe usizo emndenini wakhe.
Iphupho lakhe uthe ukusebenza emsakazweni Ukhozi FM.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]