KUMGQUGQUZELE umethuli wezinhlelo ukudla indondo yeBest Radio Presenter emcimbini wezindondo zeMzansi Art and Media awards, ngempelasonto ePitoli. Ukukhala emuke nendondo kukaKwandile Maphumulo (21), kumenze wafuna ukuwina ezinye izindondo emkhakheni wezinhlelo zikamaskandi.
UKwandile ozalelwe eHarding, esigodini saseSantombe, uqede umatric ngo-2019 esikoleni iCekeza Secondary.
Ungumsakazi esiteshini Ugu Youth Radio, wethula izinhlelo ezimbili. Kukhona uhlelo iMidday Cruise, engena phakathi nezinsuku ngo-12 kuya 3 ntambama, nolungena ngoMgqibelo ngo-12 kuya-3 ntambama olukamaskandi oluthi, Mazibuye Emasisweni.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi ujabule ngokuhlabana ngendondo kulo mkhakha akuwo ngoba kukhomba ukuthi uyakhula.
“Lo mcimbi ngawungenela ngizama inhlanhla kodwa buka ngikuphi manje. Kuqokwa umsakazi ngamunye isifundazwe ngasinye, mina bengimele iKZN, futhi ngiyabonga kakhulu ngaleli thuba,” kuchaza uKwandile.
Elandisa nokungena emsakazweni uKwandile, uthe wayehlele ukuthi ayokwenza izifundo zobunjiniyela eNyuvesi iWalter Sisulu. Uthi kwathi esefikile enyuvesi, watshelwa ukuthi abakwazi ukumthatha ngenxa yokuthi kudingeka isibalo esincane sezitshudeni ngoba kwakusabhoke ubhubhane, iCovid-19.
“Ngabuyela ekhaya ingekho into engingayenza ngase ngibheka amanye amathuba. Ngagxila kakhulu emsakazweni ngoba ngangifuna ukungena kulo mkhakha. Ngezwa emsakazweni Ugu Youth Radio, ukuthi bafuna intsha efuna ukusakaza, ngaya khona ngaqeqeshwa esikhungweni sakhona i-Ugu Youth Broadcasting Academy,” kulandisa uKwandile.
Uthe ngemuva kwenyanga eqale ukuqeqeshwa wanikezwa uhlelo oluthi, Impressive Start, olwalungena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-2 kuya ku-6 ekuseni.
“Ngashiya ngemuva kwesikhashana kulo msakazo ngaya esiteshini Ubuhle Bamanguni, ePinetown. Ngemuva kwalokho ngaya emsakazweni iSiyathuthuka, nakhona ngashiya ngaya emsakazweni iZululand FM, kodwa ngenxa yokuthi ngangifuna ukusondela ekhaya yikhona okungibeke kulo msakazo engikuwo manje,” kusho umsakazi.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]