NGESIKHATHI iMetro FM imemezela izinguquko emoyeni eziqale ngo-Ephreli, kwathusa kwabanye ukuthi uSabelo "DJ Sabby" Mtshali afakwe ekuseni phakathi nesonto.
Okwakuthusa wukuthi wayengakaqedi sikhathi esingakanani efikile kulesi siteshi esuka kwi-YFM lapho ayesechithe khona iminyaka engu-10.
Empeleni kwiMetro FM ufike ngo-2021 lapho enikezwe khona uhlelo lokubala izingoma ezihamba phambili ngoMgqibelo, iTop30.
Kuthe uma kuhamba uDineo Ranaka isigubhukane kwiThe Bridge, maphakathi nonyaka odlule eya kwiKaya FM, kwathathwa yena uSabby ukuthi abambe.
Bengisazitshela ukuthi mhlawume bazothi akaqhubeke nalo lolu hlelo olungena ngo-9 kuya ku-12 ngoba wafike wangena khaxa.
Abaphathi babe neminye imibono bemfaka kolwasekuseni oselubizwa ngeBest Mornings. Ngikholwa wukuthi abahlala ngaphandle kwaseGauteng babe nakho ukwethuka ukuthi kwenzeka kanjani ngoba bengamazi kahle kwezokusaza.
Kwabakulesiya sifundazwe nokho bebemazi ngoba uhambe kwi-YFM ethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto.
Njengoba sekuphele izinyanga eziyisithupha eqalile kulolu hlelo, ngicabanga ukuthi uhlelo lwabo luza kahle.
Okwenza lokhu wukuthi njengomsakazi uSabby ngingamfanisa nabasakazi abafana oMo Flava obengena ohlelweni phambilini. Bafana ngokuthi bangabasakazi abalandela umyalelo futhi abenza ngqo lokhu umdidiyeli nesiteshi abakufunayo.
Ngeke beze benze into eseceleni noma esuka ekhanda njengoba kwakwenza oChilli M ngezikhathi zabo.
Ukuhlakanipha abakwenzile futhi wukuthi bameme osaziwayo ohlelweni lwabo futhi bakukhangise uma bezoba nabo. Lapha ngibala abantu abafana noBonang Matheba, Minnie Dlamini, Connie Fergusom nabanye.
Lokhu kwenza ukuthi nobenqena ukumlalela ngoba efuna ukungamniki ithuba amuzwe ngoba nakhu efuna ukulalela usaziwayo amthandayo.
Kumele baqinise ezihlokweni ezihlabahlosile nokho. Izolo ekuseni bebebuza ukuthi umhlaba ingabe uyindilinga noma uyisibaca. Yinto osekuneminyaka kukhulunywa ngayo, ayiyintsha.
Okuhle nangaye siqu sakhe uSabby wukuthi uyadayiseka nakubakhangisi ngoba akazelwa lutho olubi futhi negama nobuso bakhe kuyaziwa njengoba ephinde ethule nezinhlelo zethelevishini nje.
Ngonyaka ozayo angimboni egudluzwa ohlelweni.
Ungangibhalela ku-[email protected], kuFacebook Fanele Bengu noma ku-X @FaneleBengu