UHLABE ikhefu lokuzelapha umsakazi woKhozi FM, uBheka “Beekay’’ Mchunu, ohlaselwe yinkinga yokunqanyukelwa yiphimbo esemoyeni, okuyinto engaqondakali ukuthi idalwa yini.
Isolezwe ngeSonto lithole ngemithombo yalo ukuthi uBeekay ubikele abaphathi bakhe ukuthi iphimbo kalivumi. Kuthathwe isinqumo sokuthi ayobhekana nale nkinga yephimbo ngoba yilona eliwukhiye womsebenzi wakhe.
Lo msakazi usakaza uhlelo Itende Lomcimbi olungena ngoMgqibelo ekuseni lapho kusuke kukhulunywa khona ngemicimbi ehlukene kubuye kube nengxenye yezenkolo yaManazaretha.
Umthombo osondelene kakhulu noBeekay, ocele ukungadalulwa, uthe uma ezixoxela nje kuba ngcono kodwa inkinga iqala lapho sekufanele asakaze.
‘’Udaba ulubikile kubaphathi, bayalwazi lonke ngoba baze bahlela ukuthi abanjelwe ngabanye abasakazi. Akafihle luthi yindaba eyaziwayo ukuthi unenkinga. Uzama ukuyilungisa futhi angase abuyele ohlelweni ngesonto elizayo,” kuchaza umthombo.
Kolunye uhlelo uBeekay uke wazwakala emoyeni esho ukuthi iphimbo lakhe liyamhlupha, wase enyamalala kwangena uThokozani ‘’Mafresh’’ Mpungose, waqhubeka nohlelo. Izolo uBeekay ubengekho nhlobo emsebenzini ngenxa yalesi simo okuthiwa simxinile. Ubebanjelwe wuNonhlanhla ‘’Mdonso’’ Ngcobo.
Kudlalwe iphimbo eliqoshiwe enengxoxo noDkt Ngogi Mahaye ohlaziya izindaba ezenkolo yamaNazaretha.
Ethintwa uBeekay, uqale wangalubamba ucingo isikhathi eside, wagcina elubamba. Ukhuze umhlola, ethi akakhulumi nabezindaba.
Ucele ukuthi udaba luyobuzwa kubaqashi bakhe kwaSABC, wayinqamula ngokushesha inkulumo ocingweni. Okuqaphelekile wukuthi iphimbo lakhe belingaswabulukile, ezwakala sengathi ubebambe isithongwana.
Ubekhulumela phansi ngesikhathi ebamba ucingo.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi uBeekay ubengekho kodwa wangafuna ukwanda ngamaningi maqondana nesizathu.
‘’UBeekay ubengekho emsebenzini namuhla, okokunqanyukelwa yiphimbo kuyacaca ukuthi kakukho,’’ kuchaza uMonni ngamafuphi.
Inkinga yokugula kwabasakazi besemoyeni ike yabhoka kulo msakazo. UMdonso wake waba nenkinga yephimbo kanti uNkosinathi ‘’ Mshizawezintombi’’ Mshengu wake wasonteka esakaza, kuthiwa kwakushwabana ulimi kuba sengathi uhlaselwa yisifo sohlangothi.
Bakhona nabanye okwake kwavela imibiko yokuthi bahlaselwa wukugula besemsakazweni njengo Bongani Mavuso.
UNIKWE ikhefu lokuzelapha umsakazi woKhozi FM uBheka ‘’ Beekay’’ Mchunu, onenkinga yephimbo uma esakaza
Isithombe : FACEBOOK/BHEKA BEEKAY MCHUNU