BAPHUME sebebhocobele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu nomkakhe, uLindiwe "DJ July" Khuzwayo, emuva kokuhlehla kwecala.
Lezi zithandani ebezivunule ngokufana bezibonakala nasebusweni ukuthi sekuzime emqaleni ukuhlehla kwecala amahlandla amaningi.
Imantshi yakule nkantolo ithe icala lihlehliselwe uSepthemba 27 ngenxa yokuthi imishini yokuqopha konke okwenzeka enkantolo kayisebenzi.
Kuhluleke ngisho ummeli kaNgizwe eseyalela uNgizwe ukuthi uma esebuyela enkantolo ngenyanga ezayo azilungisele ngokwenza izaba kodwa uNgizwe wathi asikho isidingo sokuzilungisela ngokuthize ngoba sekucacile ukuthi icala alikho.
Njengenhlalayenza uNgizwe uphumele ngaphandle kwenkantolo wahola abalandeli bakhe ngamahubo empi nezaga. Kanjalo noMaKhuzwayo uqhubeke lapho kugcine khona umyeni wakhe.
UNgizwe ubekwe icala lokugqugquzela abantu bakuleli ukuba batape futhi bacekele phansi impahla nelokuphikisa umthetho owawunqanda ukuhlangana kwabantu ngesikhathi kubhoke isifo iCorona emhlabeni jikelele.
Nakuba kunjalo uNgizwe uyawaphika wonke la macala, uthi ubhecwa ngobubende ekubeni inyama engayithanga mbibi. Yingakho efake isicelo sokuba akhishwe phambili ecaleni ngokwesigaba sika-174 somthetho iCriminal Procedure Act.
Ngesikhathi uNgizwe egcina ukuvela enkantolo imantshi yayishaya amakhala ngokuboshwa kwakhe, isola ukuthi abukho ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi ungumphehli wodweshu, kanjalo nomshushisi wayethi kusadingeka ubufakazi obanele obuyamanisa uNgizwe necala.
Nakuba kunjalo umshushisi waveza ukuthi sekulele kuNgizwe ukuthi uqhamuka naziphi izizathu ezinqala ezingamenza angatholakali enecala.
UNgizwe ungumsolwa wesine ukuboshelwa leli cala ngenxa yezibhelu ezabheduka KwaZulu-Natal naseGauteng emva kwezikhalo ngokuboshwa kowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ngoJulayi 7.
Kuthiwa uNgizwe wazibangela amazinyo abusheshelezi ngokunqumela uMengameli Cyril Ramaphosa, izinsuku ezintathu ukuba akhulule uZuma ejele laseMtshezi lapho ayelindeleke ukuba adonse izinyanga ezingu-15.
UPhiko lwezokuShushisa kuleli lwatshela imithombo yezindaba ukuthi uNgizwe usolwa ngokugovuza abantu ukuba basuse uthuthuva ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli.
Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela eThekwini, maqede icala lakhe ladluliselwa eGoli ngoJulayi 2021. Wake wabhadla esitokisini ngenxa yokuthi abeNPA babelokhu bekuphikisa ukukhululwa kwakhe ngebheyili ngoba kusolwa ukuthi uyingozi.