I-BROADCAST Research Council of South Africa (BRC) isanda kushicilela izibalo zakamuva zokuthi imisakazo ilalelwa ngabantu abangaki.
Izibalo ngezekota yokuqala yonyaka ucwaningo lwakhona olwenziwe phakathi kuka-Ephreli nyakenye noMashi nonyaka.
Sekuyaziwa ukuthi uma kuziwa ezibalweni zabalaleli Ukhozi FM yilona oluqengqelezela lodwa. Kusekude, uma kuyokwenzeka kube khona olulwedlulayo ngezibalo.
Ngale kwezibalo kodwa okunye okuvezwa wucwaningo kuningi njengokuthi abantu yini abayisebenzisayo ukulalela, bakuphi, balalela nini, bangobani nokunye?
Ucwaningo luveza ukuthi uLwesibili noLwesithathu yizona zinsuku umsakazo olalelwa kakhulu ngazo njengoba abalaleli baba ngaphezu kuka-19 million ngosuku.
UMgqibelo yiwo onabalaleli abancane bese kulandela iSonto.
Kungenzeka ukuthi ngempelasonto abantu basuke bematasa nemicimbi, imingcwabo nokunye.
Kusho ukuthi kusazoba nzima ukuthi izibalo zangempelasonto zenyuke ngaphandle uma kungenzeka into eyisimangaliso ezodoba abalaleli.
Yize abalaleli bephansi kodwa izinhlelo ezifana neChillas kuKhozi FM ngoMgqibelo, lungezinye zezingihlaba umxhwele.
Uma ungumuntu othanda i-deep house uzoluthanda lolu hlelo ngoba uKhetha “KSG” Gwala usuke engandile ngengevu kepha ededela ingoma kuphela.
Kwaba kuhle ukuthi lesi siteshi simbuyise emoyeni ngoba unamava kwezokusakaza futhi nomculo awudlala ohlelweni uyawazi.
Ukuba nomuntu onjengaye kwenza nempilo yomdidiyeli, uThozama Ngwenya, ibe lula. Ngiyacabanga ukuthi uma efuna isimenywa uyakwazi ukuthola izinombolo kuKSG futhi noDJ bavumela phezulu ngoba bayawazi amava akhe. Ngike ngezwa oDJ Merlon nje bedlala ama-mix abo khona.
Kukhona futhi nolunye uhlelo olumnandi ngoMgqibelo okuthiwa yiLuyanda’s Groove olwenziwa nguLuyanda Khambule kwiGagasi FM.
Le ntokazi inephimbo elimnandi futhi ikhuluma izwakale kahle. Ishibilika kalula ixuba isiNgisi nesiZulu.
Okunye okungichaza ngayo wukuthi iqaqekile futhi iyakwazi ukusebenzisana nabanye ozakwabo. Ngake ngamuzwa uLuyanda ebambisene noDJ Happy Gal kwezinye zezinhlelo begijima kwangathi uhlelo ngolwabo.
Ngimbona esazondlondlobala kulo msakazo ngoba unekhono eliyisimanga.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanele Bengu.