ARIES: Mar 21 – Apr 20
UMQONDO wakho uzokusiza ekutheni wenze izinqumo ezizokuyisa phambili ngezifiso zakho. Kumele ugxile ekuzithuthukiseni kwezomnotho nasemasikweni akho.
TAURUS: Apr 21 – May 20
KULULA ukuthi uphumelele kwezomnotho ngakho kumele uzimisele futhi uhlunge ebantwini abasezingeni eliphezulu ofuna ukusebenzisana nabo. Ungenza izivumelwano ezinhle ngokukhulu ukushesha uma unomqondo ophusile futhi ungase ube sethubeni elihle.
GEMINI: May 21 – Jun 20
KUZOKUMANGAZA ukubona inqubekela phambili yakho. Ufanelwe ukuthola ikhefu futhi ungasizakala ngoba ungathola isikhathi sokubambisana nabanye. Abangani abasha bangakhulisa izinhlelo onazo njengamanje.
CANCER: Jun 21 – Jul 22
INDLELA entsha ongayizama ingaphumelelisa amaphupho akho. Yekela ukugxila kakhulu ezinkingeni ezikukhungethe. Ukubuka kwakho izinto ngendlela ehlukile kungakusiza ekutheni uthole izixazululo zezinkinga zakho. Kuzothi ngokuphazima kweso ubone usuphumelela.
LEO: Jul 23 – Aug 22
KUMELE uzicije ngokwanele uma ufuna udumo nokuhlonipheka emphakathini. Zinike isikhathi bese uvula ingqondo ukuze ukwazi ukuqedela lokho osukuqalile.
VIRGO: Aug 23 – Sep 22
YISIKHATHI esihle sokuhlanganyela nabantu abathize noma ukusebenzisana okuthize. Kuzomele uhluze kahle ingqondo yakho futhi uzimisele ngokubhekana nemiphumela yezethembiso zakho.
LIBRA: Sep 23 – Oct 22
ZINIKEZE isikhathi sokulungisa ingqondo yakho ukuze ukwazi ukubhekana nezinselelo zakho. Kubukeka sengathi uzokwazi ukuphila ngaphandle kobunzima okwesikhashana.
SCORPIO: Oct 23 – Nov 22
YIBA nesiqiniseko sokuthi umndeni wakho uphephile futhi ujabulile. Xoxisana nabomndeni futhi wenze babone ukuthi kubaluleke kanganani ukubambisana.
SAGITTARIUS: Nov 23 – Dec 21
LINDELA isikhathi senjabulo futhi usethubeni lokwenza inzuzo enkulu emsebenzini wakho. Kanti kuzokusiza ukuthi usebenzise noma yiliphi ithuba elivelayo.
CAPRICORN: Dec 22 – Jan 19
KUKUHAMBELA kahle empilweni ngalesi sikhathi. Uma ufuna ukukhulisa isimo sezimali ungasizwa wukwenza imisebenzi eceleni ngaphandle kokulahlekelwa.
AQUARIUS: Jan 20 – Feb 18
VEZA amakhono onawo kulabo abangaba wusizo kuwena. Khombisa futhi wenze isiqiniseko sokuthi bayazibona izinhloso zakho, ngeke bakuzibe. Yisikhathi esihle sokukhulisa umqondo, yingakho kumele uzimisele ngempela.
PIECES: Feb 19 – Mar 20
YISIKHATHI sokuba wenze izinhlelo ezihlukile kunezakuqala. Zinike isikhathi esanele nomaqondana wakho. Kusemqoka ukuzehlisa futhi kungabalula nokufinyelela ezivumelwaneni ezithize.
OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1996 owayengungqongqoshe kuHulumeni wasekhaya KwaZulu Natal, wafaka isicelo enkantolo sokuthi izindawo ezine emakhaya kumiswe ukuvotwa futhi amavoti angabalwa. Kulandela ukuthi i-African National Congress (ANC) ifake isikhalo ngesiphithiphithi ngesikhathi sokhetho.
Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala u-Amanda Du-Pont (osesithombeni) ongumlingisi wakuleli. Wazalwa ngo-1988 KwaManzini, eSwatini.