KUQHUME amakhwela nemikikizo ngoLwesihlanu Novemba 3, eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli. Lokhu kwenzeke ngesikhathi owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe ‘Zulu Charmer’ Mchunu, ephuma phambili emacaleni amathathu abebhekene nawo.
IMantshi uGayle Pretorius ithe uMchunu umthole engenacala ngenxa yokuthi ufakazi woMbuso, uColonel Mxolisi Nama, noMshushisi weNkantolo, uMnuz Yusaf Baba, bahluleke bancama ukuqhamuka nobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uNgizwe wabagqugquzela kanjani abantu ukuba bavuke umbhejezane ngezibhelu zika-2021.
Uthe negama alisebenzisa elithi ‘Azikhale’, akekho olichaze kahle ngoba uNama wathi lalithi ‘Alibhubhe izwe’ ekubeni uNgizwe ethe yigama elisetshenziswa uma kuzinanyelwe. Otolika bathi yigama elisho izinto eziningi.
UNgizwe utheleke enkantolo ephahlwe ngabaholi abaqavile bepolitiki, okunguMnuz Jacob Zuma owayengumengameli wezwe, noMnuz carl Niehaus umholi we-African Radical Economic Transformation Alliance (Areta), nenyanga yaseThekwini, uMnuz Bhongolethu "Dr Khehlelezi" Mzo, namabhinca.