ISONTO eledlule lisongwe ngokumenyezelwa kwabaqokiwe kumaRadio Awards, okuyimiklomelo emikhulu yezemisakazo esineminyaka yasungulwa.
Ngibonile kunabaningi abaziwayo abaqokwe khona kodwa okungigqamele kakhulu ukwanda kwegama loKhozi FM kwabaqokiwe.
Kule minyaka edlule bese beyingcosana abalesi siteshi abaqokwayo kodwa lokhu kubukeka kushintshile. Uma ngibheka ngingathi kungenxa yobuholi bomphathi wesiteshi uSbongi Ngcobo.
Lokhu ngikusho ngoba selokhu kufike yena izinto zibukeka zishintshe kakhulu esiteshini. USbongi ufike kulesi siteshi ezovala isikhala sikaMu Ngcolosi njengesikhulu sezokumaketha. Akuphelanga sikhathi esingakanani kwadingeka ukuba abambe njengomphathi ngemuva kokuthi owayengumphathi ngaleso sikhathi uBonga Mpanza akhushulwa wabanjiswa esokwengamela iSABC KwaZulu-Natal jikelele.
Ebuholini bukaSbongi nokho siqalile ukubona isiteshi siba siningi emehlweni abantu. Abanye bangambona njengomuntu okusengathi uthanda ‘igqa’ kanti uphusha isiteshi ukuze sibe sematheni. Ngimbonile esenokuvela ohlelweni lwezindaba iMorning Live kuyona iSABC, ngike ngambona kwiDaily Thetha kuSABC 1, Ukhozi sike sizwe kukhulunywa ngalo kuZalo, isiteshi sesinezimpahla zokugqoka, kwenziwe amabhodi amakhulu okukhangisa emigwaqweni kanjalo ne-albhamu yomculo.
Kuphinde kwaqalwa noKhozi TV. Yize ngibona sengathi lusatabalasa ngoba angiziboni izikhangiso nezibalo zokubukwa ziphezulu kodwa yenza isiteshi singabukeki njengesabantu abadala.
Konke lokho kuyimizamo yokuthi isiteshi sigqame ngoba phambilini besaziwa njengesiteshi esinezibalo ezinkulu zabalaleli kodwa ngokwezikhangiso singanakwa kangako noma singagqamile.
Namanje njengoba abasakazi beqokwe kumaRadio Awards nje, ngikholwa ukuthi nguye nethimba lakhe labaphathi abagqugquzele ukuthi abasakazi bangenele okuyinto ebingasenzeki phambilini. Selokhu enikezwe inkontileka yokwengamela isiteshi, ukwazile ukugcwalisa izikhala ezibalulekile ebezikhona okungesemenenja yezokukhangisa kanjalo nesomphathi wezinhlelo.
Isiteshi sesigqamile futhi sesike sibone kukhulunywa ngaso nasezinkundleni zokuxhumana.
Nobuholi namagalelo kaSbongi izikhulu zeSABC ziyabubona nokuyingakho sebemenze ibamba lomphathi wemisakazo yezilimi zesintu.
Esengikubhekile manje ukuthi umphakathi omusha wezinhlelo uzolididiyela kanjani uhlu lwabasakazi ngonyaka ozayo nokuthi abanye bakhuliswa kanjani.
Ungangibhalela [email protected], kuFacebook Fanele Bengu noma ku-X @FaneleBengu