KUYAZIWA ukuthi imisakazo idinga izikhangiso ukuze yenze imali yokusebenza, ukukhokhela abasebenzi nokunye.
Imali le iyenza ngendlela ehlukene ngale kwezikhangiso kuphela. Siyabona eminye yenza imicimbi, eminye idayisa izimpahla, iyigaya ngamavoti emincintiswano athunyelwa ngama-SMS nokunye.
Izikhangiso zingena ngendlela engafani. Akukhona ukuthi uzozwa iphimbo lisitshela ngomkhiqizo kuphela, cha. Kukhona ezinye ezikhokhelwa ngokuthi kube wumsakazi osifunda bukhoma ngesikhathi uhlelo lusaqhubeka.
Kwezinye kukhishwa imoto yokusakaza nabasakazi kuthiwe abaye endaweni ethize beyosakazela bukhoma, bese bekhuluma nabantu abathize ngokwesivumelwano sosuke ekhokhile nesiteshi.
Lokhu ngiye ngikubone kakhulukazi emicimbini kahulumeni, ufice sekuklele izimoto zokusakaza zeziteshi ezahlukene, bese ungqongqoshe elokhu ephuma engena kuzo eyochazela abalaleli ukuthi kusuke kuqhubekani.
Kuhle impela lokhu ngoba iziteshi zigaya enhle imali ngakho. Okubi wukuthi kokunye ubuchwepheshe buye bube nobuhixihixi, kugcine kungasabi mnandi.
Angazi ukuthi ingabhalansiswa kanjani le ndaba ukuthi ziqhubeke nokwenziwa lezi zinto kodwa umoya ushelele njengoba abasakazi besestudiyo.
Ukwenza isibonelo nje, ngike ngalalela iVuma FM ngizwa uVanessa Marawa noMankini Mgenge besakazela ngaphandle. Laba abazibiza ngeCrush noLova, okuyinto engingayazi ukuthi isukaphi, bekuke kwenzeke bakhulume kuqala ingoma ingakapheli.
Kokunye babe nokubambezeleka futhi ngake ngezwa noVanessa esho ukuthi kunokubambezeleka. Ngiyacabanga wayetshela umdidiyeli, kanti sizomuzwa.
NakuNjabs Zwane weGagasi FM ngake ngayizwa into ecishe ifane. Kuyena wayesakaza kodwa kubuye kudlale isikhangiso noma ibika lohlelo esakhuluma.
Ngelinye ilanga kusamele sikhulume ngohlelo lwakhe uNjabs olungena ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto, ukuthi cha, luza kahle impela futhi lubashiya bekhuluma abantu ezinkundleni zokuxhumana ngezihloko nangezinto ezivela kulo.
Kodwa engisekukho yibo ubuhixihixi obuba khona uma kusakazelwa emnyango. Kufana nale ndaba yokunqamuka kukagesi, okugcina kuphazamisa nezinga labashaya emoyeni esigcina singabezwa kahle.
Nezimenywa ezingakwazi ukufika estudiyo, zigcina zinqamuka uma kwenzeka zithintwa zisendaweni engenagesi.
Ngiyafisa kutholakale indlela ezokwenza izinga lokusakaza lingaphazamiseki.
Ungangibhalela [email protected], kwiFacebook Fanele Bengu noma kwi-X @FaneleBengu.