NGOKUJWAYELEKILE, abasakazi beziteshi zomphakathi bahlale besebenzela ukuzikhangisa ukuze bagcine sebehehe indlebe yabaphathi bethathwa njengemikhulu, ngenhloso yokusebenza kuyona.
Nokho akunjalo kuBuhlebezintombi “Buhle” Ndlovu, umsakazi wesiteshi somphakathi saseThekwini, Izwi LoMzansi, othi okubalulekile kuyena wukukhula lapho ekhona, akanazo izinhloso zokusebenzela imisakazo emikhulu.
UBuhle (23) waseNtshanga, osakaza uhlelo iSenza Kwenzeke ngoMsombuloko kuya kuLwesihlanu, ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini, kwiZwi LoMzansi, uthe akufunda kulo msakazo kuyamgculisa ukuthi angaba kwelinye izinga ekuwona.
“Yebo, ngiyafisa ukukhula kule ndima kodwa awukho omunye umsakazo engifisa ukuwusebenzela ngaphandle kwalo engikuwona, kunalokho ngibheke ukuqhubeka nomsebenzi engiwenzayo - ngigcine sengenza nokunye ngaphandle kombhobho.
“Mhlawumbe okunye engingaze ngikwenze endimeni, wukuqala i-podcast engingenza kuyo izingxoxo ezahlukene, ikakhulu ngoba ngenye yezindlela ezisetshenziswayo esikhathini samanje,” kuchaza uBuhle.
Echaza ngokungena kwakhe emsakazweni, uthe uqale evolontiya ukufunda izindaba kwiTheku FM esasenyuvesi ngo2020, wase eqhubekela kwiZwi LoMzansi ngo-2021 - esazicija ngomsebenzi wobuntatheli awufundele eDUT.
“Ngifike kwiZwi LoMzansi ngaba wumdidiyeli wezinhlelo, bangifundisa okuningi ngomsebenzi wokusakaza - ngesinye isikhathi babuye banginike ithuba lokushayela lolu hlelo engigcine nginikwa lona ngokugcwele.
“Ukuzikhandla kwami nokuzimisela ukufunda umsebebenzi yikho okwenze ngagcina sengithenjwa ngabaphathi, banginika uhlelo nyakenye kuze kuzoba yimanje,” kusho uBuhle okhule ekhuthazwa wumkhaya wakhe owayeyintatheli yeSABC, uKhanyisani Nhlangulela.