UMSAKAZI wohlelo lukamaskandi kuKhozi FM, uBingelela Mpanza, uthe ukujabulele kakhulu ukuqokwa kumaSebenza Women Awards akulo nyaka. UBingelela, osakaza uSigiya Ngengoma, ungomunye wabantu besifazane abamenyezelwe emicimbini obuseGateway Hotel, eThekwini ngoLwesihlanu.
"Ngijabule kakhulu bengingazi ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kunemiphumela emihle. Ngiyabonga ngiqhathwe nezinkakha emculweni." Emkhakheni weWomen in Music, uBingelela uqhathwe nozakwabo kuKhozi FM, uPhindi P, uLwah Ndlunkulu, Sphesihle Zulu noMfundenhle Mpanza.
"Nokuzibona ngiqhathwe noPhindi P kukhulu kimi futhi ungumlingani wami." Esephetha uthe uzowakhankasela amavoti ukuze agcine edle umhlanganiso. NoPhindi P unxuse abalandeli bakhe ukuba bamvotele ngobuningi babo ngoba uyawudinga lomklomelo.
Kumunxa obhekwe ngamehlo abomvu weWomen in Media kubhekene ngeziqu zamehlo uDeli Malinga woMkhokha, uBaby Cele woZalo, uKhwezi Ndlovu woMkhokha, Sine Nene noLungile Mbili.
Emkhakheni weSebenza Women Champion Kutholene phezulu uLindiwe Hadebe, Lindiwe Nyawo, Zime Msweli, Vumile Magasela noLondwayinkosi Mhlongo. UDr Taki Dube uqokwe emkhakheni weCommunity Builder of the Year, lapho edlana khona imilala noNcumisa Ndelu, Phakamile Mazibuko neMancane Foundation. KwiWomen in Tourism kuqokwe uNosipho Shozi, Samkelisiwe Zondi, Makhosi Msimanga noThembelihle Shezi. KwiWomen in Hospitality Kutholene phezulu uChef Saneh (Ekhishini), Anele Juli, Nkosi Mbamho noThandiswa Ngubo. Eqoqweni leWomen in Finance kubhekene uThembisa V. Luthuli, Vumile Msweli, Nomcebo Langa noNcumisa Fandesi-Ndeli.
*Ukuvotela abaqokiwe uthumela iSMS ebhalwe igama loqokiwe bese ulandelisa ngomkhakha akuwo ku-34604. Ukuvota kugcina ngoSepthemba 15.