LIGQABUKILE igoda phakathi komsakazo waseGauteng, iKaya 959 nezintandokazi zabashadikazi, uMonwabisi nomkakhe, uPhindi Grootboom, asebaziwa ngelikaMo and Phindi.
Lezi zindaba zidalulwe yizikhulu zalo msakazo ngesitatimende ezisithumelele imithombo yezindaba. UMo noPhindi bakuqinisekisile ukuthi abasazoba yingxenye yalo msakazo.
"Sifisa ukubonga izikhulu zeKaya 959 ngenkundla ezisinikeze yona kanye nabalaleli ngemfudumalo abasamukele ngayo. Sizobakhumbula kakhulu abalaleli ngenxa yobudlelwano ebesesibakhe nabo," kusho isitatimende esibhalwe ngokuhlanganyela.
UMo noPhindi abasanda kumemezela ukuthi sebengene emkhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini njengoba uhlelo lwabo oluthi Thokoza Muntu Wami luzokhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngo-Okthoba 11. IKaya 959 ibe seyimemezela ukuthi kuzoba nezinguquko ezinhlelweni zangempelasonto kulo msakazo.
UKgomotso Meso, obenza uhlelo lwangezintathakusa phakathi nezinsuku i-Early Breakfast, usezokwenza iWeekend Breakfast Show ngezimpelasonto phakathi kuka-6 no-9 ekuseni kanti uMaBlerh yena angene phakathi nezinsuku ngo-5 kuya ku-6 ekuseni.
Umqondisi omkhulu walo msakazo, uColleen Louw uthe bakujabulele ukwamukela laba basakazi ezinhlelweni zabo.
"Umsakazo uyavalelisa kuSammy T noMo noPhindi, ababambe elikhulu iqhaza kwiKaya 959. Abazongena ezikhaleni zalaba ababili (Mo noPhindi) bazomenyezelwa khona maduze," kuphetha uColleen. Izinguquko zalo msakazo sizoqala ukuzwakala phakathi no-Okthoba.