INTSHA yezinhlanga ezahlukene zakuleli ehlanganiswe wubuciko, ithi isikubheke ngabomvu ukuqala uhambo lomjikelezo wezinyanga ezine oluya e-USA, kusuka ngoFebhuwari 1 kuya kuMeyi 29.
UNomvula Maneli oyiProject Coordinator yomjikelezo weqembu lamaciko awu12 angaphansi kwe-29:11International Exchange, inhlangano yezomculo ezinze kuleli nase-USA, uthe konke sekumi ngomumo ngohambo lwabo.
“Sijabule ngokuhlanganisa abantu abasha abanethalente lomculo nezobuciko, abazosebenzisa ubuciko babo ukukhombisa ukuthi sigabe ngahloboluni lobuciko kuleli, nokuthi behluke kanjani, ikakhulu umculo we-classic abazogxila kuwona kakhulu.
“Sizohambela izikole zamabanga aphansi eziwu-190, sikhuthaza izingane ukuthanda ubuciko, ikakhulu umculo. Okusithokozisayo wukuthi sizenzela konke ngokwethu, ngaphandle kosizo lohulumeni,” kuchaza uNomvula.
Eqhuba, uthe okwenza bahambele e-USA, wukuthi baxhumane neziphathimandla zobuciko zakhona ezihlonipha into abayenzayo.
“Kusiphatha kabi ukuthisize sihlonishwe ngabantu bakwamanye amazwe, ekubeni ekhaya singanakwe muntu kodwa sizoqhubeka nomsebenzi omuhle esiwenzayo, baze basinake nasekhaya,” kusho uNomvula.
U-Ayanda Nxumalo waKwaSanti, ngasePinetown,ongomunye wabawu-12 abaseqenjini eliya e-USA, uthe ubuciko buyindlela yokuphila, ngakho bathokozile ngethuba abalitholile lokuyokhombisa kwelinye izwe ukuthi obakuleli bunjani.
“Okusijabula kakhulu futhi wukuthi uma sifika lapha, sizothola ithuba lokumaketha i-albhamu yomculo esiyenze nozakwethu eqenjini, esizodedela amanye amanoni ayo eConcordia University, eChicago,” kusho u-Ayanda.