ABABHALI bezincwadi zezingane bazodlana imilala emcimbini iChildren's Literature Awards nonyaka. Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabemithombo yezindaba, umqhudelwano wezindondo wethulwa wuphiko lweNyuvesi iSouth Africa (Unisa), iCollege of Human Sciences ngenhloso yokukhuthaza izingane zakuleli, abazali nothisha.
"Ngale ngqophamlando kuhloswe ukubhekana ngqo nokunganakwa kwezilimi zendabuko ngabashicileli bezincwadi, ikakhulu labo ababhalela imiphakathi eyingcosana.
“Isiqubulo sakulo nyaka sithi Uthingo Lwenkosazane (Rainbow), okumele ukunotha kwamasiko namagugu ezinhlanga nezizwe ezihlukahlukene," kusho isitatimende.
Inhloso yeChildren's Literature Awards, ukubethulela isigqoko ababhala ngezilimi zendabuko nokuqhakambisa imisebenzi yezobuciko elotshwe yizingane ngezilimi zendabuko.
"Inhlosongqangi ukufaka ugqozi nofuqufuqu esizukulwaneni sababhali esiza ngemuva ngokusikhuthaza ukuba silobe izindaba ezisuselwe ezintweni ezike zasehlela nasemasikweni aso."
Siqhuba isitatimende sithe kugqugquzelwa ababhali, nabashicileli abaneminyaka ewu-18 kuyaphezulu, ukuba bathumele imibhalo yabo.
"Umqhudelwano wamukela izincwadi ezibhalwe nganoma yiluphi ulimi lwendabuko, okubalwa isiZulu, isiXhosa, Sepedi, Setswana, Sesotho, Tshivenda neXitsonga. Imingenelo iqale ukwamukelwa kusukela ngo-1 Juni, 2023 kuya kuJulayi 30, 2023."
Ekugcineni kuthiwa i-Unisa izobambisana nabashicileli ukuhumusha, ukusabalalisa nasekukhangiseni emphakathini izincwadi ezidle umhlanganiso ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zifinyelela ebantwini abaningi.
Usihlalo wekomiti labagqugquzeli uDelvah Mabaso, uthe ujabule kakhulu ngaleli gxathu wathi lihambisana nomkhankaso wabo wokugubha amandla okuxoxwa kwezindaba nobuhle bezilimi zabomdabu base-Afrika. “Ngokutshala emibhalweni yezingane, sitshala ekusaseni lesizwe sethu, senza sizigqaje ngamasiko aso futhi sinisela isizukulwane sabafundi nababhali," kuphawula uMabaso.
Ngemininingwane ethe thuthu ngomqhudelwano, imigomo nemibandela, ungavakashela kule-website yeSchool of Arts:https://www.unisa.ac.za/ sites/corporate /default/Colleges/Human-Sciences/News-&-events/School-of-Arts-Conference