ABAHLELI bomcimbi Igcwalisa Spring Picnic sebeveze ukuthi abantu abaphuthume bathenge amathikithi asabiza kancane njengoba esephelile kwezinye izindawo akade bewadayisa kuzo.
Okhulumela inkampani ehlela lo mcimbi Idlamlenze Development Foundation, uMthokozisi Zuma, uthe bebewahlukanise izigaba ezimbili amathikithi nokuthe lawa akade eseShoprite naseComputicket asheshe aphela.
“La mathikithi siwenze ngenjongo yokuthi kukhona abantu abangatohozi nabathola imali encane, abakuthandayo ukuba yingxenye yalo mcimbi, ngakho sithi kubo nali ithuba abalibambe ngezandla zombili. Asekhona nawo asemancane eTicketpro ngakho abaphuthume kusemanje,” kusho uZuma.
Uthe maduzane bazomemezela usuku la bezokwethula khona lo mcimbi nala bezofike bamemezele khona abaculi abazosina badedelane kuwo.
“Engingakugqamisa nje ukuthi abathandi bokholo kukhona isipho esibaphathele sona kulo nyaka. Ngakho bangaze baziphuthisele ngokuba yingxenye yalo mcimbi kulo nyaka. Kungakho ngisho izindawo esizozihambela uma kuqala inyanga ka-Okthoba kukhona kuzo namabandla. Sase sishilo ukuthi siya kuliphi ibandla kodwa ukudlula koMntwana waKwaPhindangene kwenza samisa yonke into,” kuchaza yena.
Okunye athe ufuna kube sobala ukuthi abantu abafuna ukuhlala ezindaweni ezikhethekile nabo ababathinte ngokushesha njengoba kubonakala sengathi baningi abafuna ukuzithengela.
Ngonyaka odlule kulo mcimbi abaculi okukhona kubo uKhuzani, AKA, Dumi Mkokstad nabanye, bajabulisa izihlwele kulo mcimbi.