BAFUNA ungasuki ekugqamiseni isiko umjaho wamahhashi osuneminyaka ukhona Umtelebhelo Heritage Cup, Traditional Horse Racing, obuseMgungundlovu ngoMgqibelo.
Umjaho walo nyaka ububanjelwe enkundleni yamahhashi iHollywoodbets Scottsville Racecourse.
UDedani Mkhize ohlela lo mcimbi uthe, bajabule ngezinga okhombisa ukukhula minyaka yonke.
“Lo mcimbi siqale siwenza ezintabeni kodwa manje buka sikuphi nawo. Sifuna ukuthi njengoba wenziwa ngenyanga yamasiko, abantu bafike begqoke imiswenko yabo yezizwe ezihlukene. Manje esisenakho umbukiso wemfashini kulabo abafuna ukukhombisa ngemisiko yabo, bese siba nomjaho wamahhashi, okukhona kuwo abafana abasebancane abaqhamuka ezindaweni ezehlukene,” kusho uDedani.
Uthe bayakujabulela ukuthi abaqhudelana kulo mjaho abantu abaqhamuka emakhaya futhi abasebancane.
“Ngomunye unyaka, abaqeqesha amagibela amahhashi bathatha omunye umfana oneminyaka engu-9 bayoqhubeka nokumqeqesha, nokuyinto esiyikhuthazayo, yokuthi kutholakale amakhono ahlukene. Sibheke ukuthi eminyakeni ezayo sibe neminye imijaho ehlukene, njengoba sekukhona ngisho eyabesifazane,” kuchaza yena.
Yonke imijaho yabo uveze ukuthi abayiwinayo kukhona imali abayitholayo nezindondo.
UDkt Zweli Mkhize obehambele lo mcimbi uveze ukuthi abahleli balo mcimbi baqeqeshwa ngamahhashi kusuka beneminyaka eyisikhombisa.
“Siyababongela ukuthi namhlanje sebelana abakhona manje. Bayiqala kudala lemijaho emakhaya. Siyanxusa abantu abaqhamuka kuzona zonke izifundazwe ukuthi beze kuwona futhi bahlobe ngemisiko yabo yesintu njengoba ungenyanga yamagugu,” kuchaza uDkt Mkhize.
Kulo mcimbi, amatshitshi nezinsizwa bebevunule beconsa kanti nezihambeli zawo beziswenke ngemisiko ehlukene yomdabu.
Kosaziwayo akade bekhona kubalwa imbongi uZolani Mkiva, iqembu i-Afro Soul, umsakazi weVuma FM uLinda “The Game” Nzimande, umhleli wemicimbi uSpha Vezi, usomabhizinisi uSiyanda Calvin Ntenga kanti umsakazo iGagasi FM belisakazela kuwo umcimbi.