USUKUBAMELI umbango ngenkokhelo yomdlalo iShaka iLembe okhuluma ngempilo kaShaka kaSenzangakhona, ozokhonjiswa kuMzansi Magic ngoJuni nonyaka.
Isolezwe ngeSonto linekhophi yencwadi ebhalwe abameli bomndeni kaNandi ongunina kaShaka, befuna iM-Net neBomb Productions epheka lo mdlalo ukuthi ibakhokhele u-R100 million wama-royalty alo mdlalo.
Encwadini ebhalwe wu-Advocate Amesh Sukdeo oseSukdeo’s Law Chambers, eThekwini, unike abanikazi balo mdlalo izinsuku eziyisikhombisa ukuthi bakhokhe le mali emva kokuthola incwadi yabo, noma babhekane nengalo yomthetho. Bathe uma bengayikhokhi le mali ngesikhathi esibekiwe kuzophoqeleka ukuthi bafake amasamanisi babizele abalo mdlalo enkantolo ngenhloso yokubaphoqa ukuthi bakhokhele amakhasimende abo.
Amagama abantu avela encwadini yommeli ukuthi kumele bakhokhelwe, wuSenzo Mkhanyiselwa Mbatha, Phila Mthethwa noRussel Mhlathuze Mhlongo. UMhlongo uyilungu lomndeni kaNandi kanti uMbatha noMthethwa basondelene nalo mndeni futhi yibona ababenika ulwazi ngempilo kaNandi noShaka kwabeBomb neM-Net.
Encwadini kuvela ukuthi le mindeni ibilokhu ixhumana neBomb Productions nomphathi wayo u-Angus Gibson ngalolu daba kusuka ngo-2019 kuze kube uMashi 2022 kodwa akukho okucacayo ngenkokhelo yabo.
Lolu daba sekuke kwabikwa ngalo izikhathi eziningi lapho kuvela khona uMhlathuze Mhlongo okunguyena osekhona emndenini kaNandi, ekhala ngokuthi abatholanga lutho bengumndeni. Kukhona isikhathi uMhlongo aze anqaba khona nokuyoshisa impepho ukuthi lo mdlalo ube yimpumelelo ngoba ekhala ngokuthi akucaci ukuthi bazohlomulani bengumndeni ngawo.
Okhulumela iMultiChoice uLitlhare Moteetee uthe bayitholile incwadi yabameli bakaMhlathuze Mhlongo, Senzo Mbatha noPhila Mthethwa.
“Ayikho into ebambekayo ngezinsolo abazivezayo ngama-royalty abathi bakweletwa wona. IMultiChoice Group neBomb Productions ichithe iminyaka eyisithupha ukwenza isiqiniseko ukuthi umdlalo iShaka iLembe uncele ulwazi ngokuxhumana nababhali abehlukene, osomlando, ongoti bosiko lwabeNguni nabanye abathintekayo. Kusetshenzwe isikhathi eside kuqoqwa ulwazi kubantu abathembekile ngolwazi.
“Bonke ebekuxhunyanwa nabo bebekwenza ngothando konke abebekwenza nokuveza ulwazi lwabo olusetshenzisiwe kulo mdlalo. Bonke babemenywa ezithangamini ezivulelekile futhi bafike kuzona. Bonke ababa yingxenye yalezi zithangami bahlomula ngesikhathi nokuzinikela kwabo,” usho kanje.