IHLOSE ukuthuthukisa umnotho wasemalokishini nokubuyisa ithemba ngokuthi lusekhona uthando umcimbi omkhulu obizwa ngokuthi yi-Lovers and Friends ozokuba ngoFebhuwari 15, eYadini, eMlaza.
Lokhu kudalulwe nguSelby Gumede wenhlangano i-Wear Your Brand okuyiyona ehlele lo mcimbi. Uthe bakhethe ukuthi ube selokishini ukuze kuzozuza kakhulu abantu bakhona.
''Siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele ufukulwe umnotho wasemalokishini ethu. Ukulethwa kwemicimbi yalolu hlobo kuyasilekelela kakhulu,'' usho kanjena.
UGumede uthe baningi abantu abazohlomula ngokuba khona kwalo mcimbi. Uthe kukhona abazothola amathuba omsebenzi yize kuzobe kuyinto yosuku olulodwa.
Uthe ukwanda kwezigameko zokubulalana kwabantu abathandanayo yikhona okudale ukuthi benze lo mcimbi ukubuyisa ithemba kubantu ukuthi lusakhona uthando.
"Abantu kumele bazi ukuthi namanje lusakhona uthando yize sibona kukhona izinto ezenzakalayo ezingezinhle. Kodwa lokho akumele kudale ukuthi sibe nokungabaza ngothando,'' usho kanjena.
Uthe babone ukuthi lo mcimbi mabawuyise eYadini ukuze uzoba nesasasa. "Baningi abantu abazoba nentshisekelo yokuza eYadini njengoba kade bakugcina ukuya khona. Yingakho ke sibone ukuthi lo mcimbi masiwuthathe simane siwuyise khona,'' usho kanjena.
Unenkolelo ethi nasemindenini kukhona izinkinga zakhona abantu baze bagcine bengasathembana, wathi kodwa iqiniso ukuthi umndeni ubalululekile kakhulu.
Uthe yingakho kulo mcimbi bebheke abantu abathandanayo kodwa futhi babheke nokuthi imindeni nayo ingafika izohlala ndawonye.
Uveze ukuthi ukungena kulo mcimbi ithikithi libiza u-R100, kanti amathikithi atholakala eWeb ticket nasePick n Pay. Umcimbi uzoqala ngo-12 emini uphele ngo-12 ebusuku.
Uveze ukuthi kuzobe kukhona abaculi abehlukene okuyibona abazobe beshiyelana inkundla ngalolu suku, phakathi kwabo ubale Amaqwabe Twins, Afro Soul, Dj Bongs, nabanye.
Abaphathi bohlelo kuzobe kuwuSimphiwe Shembe noCollen weGagasi FM.