NGEKE besanikwa uxhaso lwemali kahulumeni abahleli bemicimbi abavumela utshwala bungene ngobuningi babo la besuke beyihlele khona.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe woMnyango wezamaCiko namaSiko, KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, ngesikhathi kwethulwa umcimbi iDrakensberg Extravaganza, kulo nyaka ozodonsa izinsuku eziyishumi.
Lo mcimbi wethulwe ngokusemthethweni kwabezindaba eBergville ngempelasonto. Uzophinde ubanjelwe khona kusukela ngoNovemba 22 uze uphele ngoDisemba 2.
Ekhuluma kulo mcimbi ungqongqoshe uthe, imicimbi abantu abaphuza kuyo bagcine ngokulwa baze balimazame, bona benguhulumeni ngeke besayixhasa.
“Abahleli bemicimbi abazame ukulawula indaba yotshwala emicimbini abayenzayo njengoba uhulumeni waKwaZulu-Natal esethathe isinqumo sokuthi le micimbi singayixhasi uma kwenzeka kuba nezidubedube eziholela ekutheni kuze kulimale abantu abanye bagcine befile. Nakulo mcimbi sikhiphe * -R4 million ngakho kwaba khona izigameko nje, ngonyaka ozayo ngeke size sibuye,” kusho yena.
Uthe bajabule ngomcimbi ofana nalona owenzelwa endaweni yasemakhaya nozovula amathuba omsebenzi kubantu abahlukene.
Ohlela lo mcimbi, uSipho Ndaba, uthe kuzona zonke lezi zinsuku kuzobe kunezemidlalo, imfashini, izingqungquthela ezizobe zikhuluma ngezinto ezihlukene nemicimbi yomculo.
“Kuzoba nemidlalo okukhona kuyo eyegalofu, abazogijima, abazoshova amabhayisikili nokunye okuningi. Kuzoba nomcimbi wemfashini wentsha yendawo nokunye,” kusho yena.
Lo mcimbi uyobe usuvalwa ngedili lomculo okuyobe kuboshelwe abaculi okukhona kubo uThandiswa Mazwai, Kwesta, Sjava, Babes Wodumo, Holly, Mlindo The Vocalist, Vetkuk vs Mahoota nabanye.
Uhlelo luyobe luphethwe nguSomizi, Tshatha Ngobe, Mandla Magwaza, Mroza Buthelezi, Irvin Sihlophe noJabulani Shandu.