UYISE womrepha wakuleli u-AKA, uTony Forbes uthi izinsolo ezilokhu zibhekiswe kubangani bendodana yakhe ababekhona ngesikhathi idutshulwa azehli kahle.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi enesithangami nabezindaba eGoli.
Ubonge wonke umuntu obe nabo ngalesi sikhathi esinzima wacela ukuthi bakhulekelwe.
Kulesi sithangami kuvele okokuqala emphakathini unina ka-AKA uLynn Forbes nentombi ka-AKA uNadia Nakai.
Uyise ka-AKA uthe bayababonga kakhulu abangani baka-AKA ababe naye ngosuku lwesigameko njengoba baba nesikhathi esimnandi.
“Asikuthandi okukhulunywa ngabangani baka-AKA, amahlebezi okuthi bayathinteka kulesi sigameko. Siyababonga kakhulu, sibonga nawo wonke umuntu obe nathi kusukela sizwa lezi zindaba, ngoLwesihlanu sahamba saya eThekwini kwaba khona abantu abahamba nathi saze sabuyela la eGoli. Siyabonga kakhulu nasemaphoyiseni kaMasipala weTheku asebenze nathi kahle,” kusho uTony.
Ngemuva kokusabalala kwevideo ekhombisa isigameko sokudutshulwa kuka-AKA, abaningi ezinkundleni zokuxhumana basola abangani bakhe bathi kukhona abakwaziyo ngokubulawa kwakhe..
Unina ka-AKA bekucaca ukuthi kunzima okumvelele ngoba ubelokhu esula amehlo nokuthe sekuphele isithangami waphuma ekhihla isililo.