ITHUTHELA eGauteng imiklomelo yezindondo amaSABC Crown Gospel Music Awards.
Lokhu kuvele emcimbini wokwethulwa kwawo obuseWanderes Club eProtea Hotel, eGauteng namhlanje.
Azoba ngoNovemba 26, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Umsunguli wale miklomelo, uZanele Mbokazi-Nkambule uthe eminyakeni engu-15 amaCrown Gospel Awards kuzoba ngokokuqala eza eGauteng, njengoba abelokhu esingathelwa kwaZulu-Natal.
" Ngesikhathi siwaqala amaCrown Gospel Awards sasinezinhlelo zokuwathuthukisa. Isifiso sethu sokuthi afike kuleli zinga aze aye nakwezinye izifundazwe, sasizibekele ukuthi asabalale eminyakeni eyishumi kodwa ngenxa yokuthi konke kuhlelwa wuMdali, yingakho kuze kwafezeka lesi sifiso emva kweminyaka engu-15.
Ukuqokwa kwabaculi abazoqhudelana kuwona sekuvuliwe. Amathikithi azoqala ukudayisa ngesonto elizayo. Siyabonga ukuthi umcimbi ukhule uze ufike kuleli zinga. Sisawuqala abanye babesibukela phansi bengakholelwa ephusheni lethu futhi bengaboni kuyinto engenzeka iphumelele," kusho uZanele Mbokazi-Nkambule.
Ungqongqoshe wamaSiko namaCiko eGauteng, uMorakane Mosupyoe, uthe ngesikhathi abamaCrown befaka isicelo sokuthi uze eGauteng, akakholwanga ngoba naye ungomunye wabantu abawathandayo.
"AmaCrown abehlala ekhona kodwa bengingakaze ngizwe ukuthi kunezinhlelo zokuthi eGauteng. Leli thuba livele sekukhona, okuyinto eyavele yangikhalisa ngingakholwa ukuthi ngempela abahleli bafuna ukuwaletha kuthina. Leli thuba elivelile ngeke sisalidedela futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi umcimbi uzohlala usezingeni eliphezulu. Siwuyise eSoweto ngenhloso sivundulule nekhono kubaculi baselokishini abasafufusa," usho kanje.
Ngesikhathi kwethulwa umcimbi, abaculi bowokholo nosaziwayo bebephume ngobuningi beze kulo mcimbi.
Phakathi kwabo bekukhona oSolly Mahlangu obenandisa, Dumi Mkokstad, Sipho Makhabane, Dr Tumi, Rebecca Malope, DJ Happygal, Thobile Mkhwanazi, Ga Ndlela, Noma Mngoma, Lindelani Mkhize nabanye.