ADAYISWE ngokushesha kuhle kwamagwinya asheshayo amathikithi omcimbi wempunyela nosaziwayo onesithembu uMusa Mseleku ozoba endaweni eyimfihlo ngoLwesibili.
La mathikithi ngawomcimbi wesidlo sakusihlwa ohambisana nokuthi uMseleku uthungatha unkosikazi wesihlanu.
Ukudayiswa ngokushesha kwalamathikithi abiza R5 000 lilinye kushaqise abaningi.
Isikhangiso salo mcimbi siqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto. Lithe lingakashoni ilanga ngoLwesibili kwavela izindaba zokuthi amathikithi asedayiswe aphela.
USihle Seleke we-Ebehnezer Siyabonga Events ehlela lo mcimbi, uthe umqondo walo mcimbi uqhamuke ngemuva kokwanda kwemilayezo evela kwabesifazane abafisa ukungena esithenjini sikaMseleku.
“Lo mcimbi uzonikeza ithuba bonke abesifazane abavame ukuthumela uMseleku imilayezo ngasese befisa ukuba nethuntshana naye nalabo abafisa ukuzongena esithenjini sakhe,” kusho uSeleke.
Uqhube wathi abantu besifazane bayazithanqaza ngoMseleku. Abanye bazibona bengosofa silahlane naye.
Echaza ngalo R5 000 uSeleke uthe uzokhokhela indawo ephambili eqashiwe ukusingatha umcimbi, ukudla, izinto ezizokwenziwa ngalobu busuku kuphinde kukhokhelwe nemali kaMseleku yokuba kulo mcimbi.
Abazohambela lo mcimbi bazothola yonke imininingwane ezobathatha ibabeke endaweni yomcimbi.
USeleke uthe nakuba kukhona izintokazi ezizitshela ukuthi kungenzeka zibe senhlanhleni yokunqoba inhliziyo kaMseleku ngalobu busuku kodwa lokho kuyinto engaqinisekiwe ukuthi ingenzeka.
“Akazile ukuzokhetha unkosikazi wesihlanu. Uzoba nesidlo nabo kuphela,” kusho uSeleke.
UMseleku usezakhele ugazi ngenxa yokuba sohlelweni Uthando Nesthembu oludlala kuMzansi Magic. Unamakhosikazi amane uMaCele, MaNgwabe, MaKhumalo noMaYeni.
Kulolu hlelo uMseleku uhlezi eveza isifiso sakhe sokuba nezingane eziningi kanti ukholwa wukuthi ukuthatha unkosikazi wesihlanu kungalifezekisa leli phupho.