ASEPHELILE amathikithi omcimbi wabesifazane weSolezwe ozoba ngesonto elizayo.
Lo mcimbi owaziwa ngeNtandokazi onesasasa elikhulu kwabesifazane ozoba se-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo, uJuni 23, ungowokuqala kulo nyaka.
UNksz Zama Majola wezokukhangisa kwiSolezwe uthe amathikithi awasekho futhi awekho azotholakala emnyango ngosuku lomcimbi.
“Siyajabula ukuthi amathikithi athengwe wonke, sethembisa ukuthi labo abazibekele indawo ngokuthenga amathikithi ngeke bazisole, bazobhema bakholwe njengoba lo mcimbi uzobe unezikhulumi ezizohlomisa abesifazane ngolwazi,” kusho yena.
Uthembise abasafisa ukuzibandakanya nalo mcimbi ngesikhathi esizayo ukuthi lisekhona elinye ithuba lokuthi babe yingxenye yawo njengoba kuneminye imicimbi emibili esazoba khona kulo nyaka.
Phakathi kwezikhulumi ezizobe zikhuluma kulo mcimbi kuzobe kukhona uNksz Siwe Hlophe waKwaSpekko ozobe efundisa abesifazane
ukupheka.
UHlengiwe Mhlaba uzobe eqhulula amanoni ezingoma zakhe kubalwa namazwibela ezingoma ezikwi-albhamu yakhe ayiphekayo.
Umphathi wohlelo kuzobe kuwuDudu Khoza woKhozi FM.
Leli phephandaba lisaqhubeka nomkhankaso walo wokukhuza isihlava esibi sokubulawa kwabantu besifazane i-#Sekwanele.