INDODANA kaRobbie Malinga ongasekho, uRobbie Malinga JR, isiveze ukuthi ukugqoka izimpahla ezibizayo nokuhamba ngezimoto eziphambili akuyona into eqale ukuyenza sekushone uyise.
Uthe abantu abambuka njengengane emosha imali kayise angabatshela ukuthi akazikhethelanga ukuzalwa kulo mndeni akuwona manje.
Ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neSolezwe njengoba engomunye wezingane zosaziwayo ezizobonakala ohlelweni iBorn to Fame eqale ukukhonjiswa ngesonto eledlule kwiShowmax.
URobbie JR ohlale evela ezinkundleni zokuxhumana ephethe izimpahla ezibizayo, ebonakala eduze kwezimoto ezimba eqolo, kubabaze abantu, uthe ukugqama kuye kuyinto enhle futhi ephinde ibe yimbi njengoba yonke indawo ahamba kuyo abantu bayamazi, nokuyinto ebuye ikhathaze.
“Ngizalelwe khona emndenini odumile, njengoba ubaba ubesesebenza futhi ngithe ngihlakanipha kwaphoqa ukuthi nami ngaziwe emphakathini. Kuthe uma kudlula ubaba emhlabeni ngase ngithatha ikhasi lakhe ku-Instagram kwaba yilapho abantu beqale khona ukungazi. Mina ngikhule ngizithanda izinto ezinhle namanje futhi ngisenjalo. Ukuvela ezinkundleni zokuxhumana kwenza kube sengathi ngikwenza ngoba ubaba engasekho. Konke okuhle engikwenzayo manje ngifuna ukuzijabulisa ngisaphila, into enhle iyangijabulisa ngiyayithanda futhi,” kusho yena.
Uveze ukuthi ukujabulele ukuthola ithuba lokuba yingxenye yohlelo njengoba kuyilapho ezovuleleka khona kakhulu ngempilo yakhe.
“Ngiveze konke engiyikho kulolu hlelo, ngiyathemba abantu bazojabulela ukubona ukuthi ngiwubani ngempela bangezwa ngamuntu. Akukho engingeyikho engikufihlile kulo, ngakho ngiyathemba ukuthi bonke laba abebenemibuzo ngempilo yami nangami uqobo bazophenduleka. Akukho engizisola ngakho ngokuvuma ukuba sohlelweni, ngiyathemba ukuthi ikusasa liqhakazile futhi kuningi okuzongisa phambili ngenxa yokuba yingxenye yalo,” kuchaza yena.