UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
EKUGCINENI uGabisile uyazikhulula ezimfihlweni. AbakwaMthembu bashaqwa yimiphumela yokuhlolwa kwesidumbu futhi uMaZungu ukhipha imininingwane eshaqisayo. UGabisile ugonyuluka ngakwenziswe uMaMzobe. ULwazi uvikela uGabi. UMaMzobe uzimisele ngokubaleka ukugwema ukujeziswa. AbakwaMthembu babhekene nento ezoshintsha impilo yabo ingunaphakade. Ziyajika izinto kuGabisile uma kuvezwa imfihlo yakhe. Umyeni wenza okungalindelekile.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwi-SABC1
UNNDWAKHULU unqaba ukuboshwa njengoba imizamo kaVhutshilo yokugwaza ingaphumeleli. U-Azwindini usebenza kanzima ukukhipha uNndwakhulu kodwa ummeli uxwayisa ngokuthi leli cala lingaholela kudilikajele. Ziphenduka ihlaya izingxoxo zamalobolo zomgunyathi zikaMuvhango uma omalume bakaTshino befuna izinto ezinkulu kodwa kuyajatshulwa ngomakoti. Kusuka umsindo uma uTeboho ephazamisa isidlo sasebusuku sikaJames no-Itseng efika noNndwakhulu osanda kuphuma ngebheyili ukuba azohlala nabo. UVhutshilo usola u-Azwindini ngokubeka ibhizinisi phambili kunomndeni. URendani ubhekene nenkinga yokuthi amadlozi akhe angase abulale umuntu asondelene naye uma engahambiselani nezimfuno zawo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwi-SABC1
INGABE u-Anathi wenze okungaphezu kwamandla? Indaba yokuthunjwa ayihlangani kahle kuPele. UNozipho uphoqeleka ukuthi akhiphe iqiniso. UJack uveza ubuntu bakhe ngesikhathi ephonsela inselelo umphathi wakhe waseRussia. USphe unezindaba ezimbi kowayethandana naye. UKea ubhekana ngqo namadimoni. UFikile ufuna ukuziphindiselela. UNozipho usho izinto ezingafanele ngesikhathi esingafanele.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
U-ONA (Nefisa Mkhabela) utshela uShoki ukuthi ulale noNeo kodwa akanamizwa yakhe. Ngakolunye uhlangothi, uNeo utshela uThato ukuthi ucabanga ukuthi u-Ona umsebenzisele ucansi, akanazinhloso zokuthi bathandane. UMaria uthola iseluleko sikaThato sokuthi yini okumele ayigqoke uma esezikhipha noMjabuliseni. UMsizi ufika endaweni yokuwasha izimoto ehamba ngekaFaith futhi ucela uMusa ukuthi ayiwashe. UMusa obelokhu ephuza emsebenzini ugcina ngokuyishayisa. UNeo ucela u-Ona ukuthi bazikhiphe futhi athole ithuba lokugcina lokukhombisa uthando lwakhe kuye. Umtshela ukuthi ngeke aphinde amhluphe. U-Ona uyavuma.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
USGIDI uxwayisa omunye ngokufuna imali ematekisini. Ukugula kukaNjinji kuba kubi. Ukuqoshwa kwesikhangiso kuyaqala kodwa kunezinkinga. Ukuziphatha kukaMzamo kwenza uSelbeyonce asule eK Mash FM. UPrince noSipho banomhlangano wokulanda itekisi entsha. UNjinji akasaboni futhi okuwuyena muntu azocela usizo kuye wuMaMlambo. UMadlala wenza isethembiso semali kuPrince angeke akwazi ukusigcina nokwenza ingxabano phakathi kwakhe noMaDongwe. Kuba nokungabaza uma lungabanjwa ucingo lukaSipho.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UTIRO uza nobufakazi obungagculisi. UVuvu usiza uTlhogi aphume esimweni akuso. UMaDlomo uqhamuka nesiphetho esingalindelekile ngendodana yakhe. UTiro wenza into yamehlo. Imiphumela yokuhlola ishiya intombazane izizwa njengomuntu wangaphandle. Kuyakhula ukuzisola kukaTalitha kodwa ekugcineni kuzomele enze noma yini. Okuvelayo kuthusa uNhloso kuphele nasozwaneni. UKhabonina uzwa into engafanele. Owesilisa ubona ukuthi ubelala nenyoka. UThoriso unovalo ngesicelo sembongi.